
Kusolwa itulo ekubulaleni uR Kelly ophuthunyiswe esibhedlela kukubi
Uphuthunyiswe esibhedlela kukubi umculi odonsayo ejele, u-R Kelly emuva kokudla amaphilisi awanikwe abasebenzi basejele.
Lesi silomo sodumo lwengoma esihloko sithi I believe I can fly siboshwe, eCarolina Prison.
Abameli bakhe batshele abezindaba ukuthi labasebenzi bebephezu kwetulo lokuzama ukubulala ikhasimende labo.
Ngokombiko weCNN uR Kelly (58) ugcine ehlaliswa izinsuku ezimbili ehlengwa esibhedlela.
Abameli bathe lomculi odonsa isigwebo seminyaka engu-30 unikwe onogada basejele amaphilisi amaningi ngenhloso yokumbulala.
U-R Kelly emuva kokuboshwa uphathwe isifo sokhwantalala wabe eseqala ukudla amaphilisi aso.
Uboshwe ngamacala okushintshiselana ngocansi, kanye nokushushumbisa abantu ngenhloso yokubenzisa ucansi.
Emaphepheni asenkantolo kuvele ukuthi ngomhlaka-10 June kulo nyaka onogada basejele bashintshe igumbi abehlala kulo.
Kuthiwa bambeke yedwa, ngenhloso yokwenza ngokungaphazamiseki itulo lokumbulala.
Abameli baveze nokuthi ukhishwe esibhedlela wabuyiselwa ejele nokuyinto ephambene.
Ungeniswe esibhedlela nje bekumele ahlinzwe akhishwe amahluli egazi emaphashini.
Abameli bathi impilo yakhe isengcupheni angafa uma engahlinziwe.
Inhlangano iFederal Bureau of Prisons eMelika yalile ukuphawula ngalolu daba.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



