Izindaba

Kufe (12) kwalimala inqwaba engozini enyantisayo eVryheid 

Sihle Mkhize

Kushone abagibeli abayishumi namabili kushayisana mahlanze ibhasi neloli NgoLwesibili ebusuku emgaqweni uR34 KwaZulu-Natal, Vryheid.

Leli bhasi kubikwa ukuthi belithwele abalandeli beqembu thizeni njengoba bekubuywa kwimibhiyozo yokugubha usuku lwentsha.

Ngaphandle kwabayishumi nambili abashonile kunabanye abayishumi abalimele kanzima baphuthunyiswa ezibhedlela ezahlukene.

Abagibeli abangu-22 bona bathole imihuzuko, abayisithupha baphuma bengenamyocu kanti abashayeli basindile nakuba bedluliselwe ezibhedlela.

Ngesikhathi sishicilela umgwaqo ubusavaliwe ngenxa yokutalula.

UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwabantu esifundazweni uSiboniso Duma uthumele amazwi enduduzo emndenini.

“Sithole umbiko ethimbeni eliphezulu kwiRoad Traffic Inspectorate (RTI) lisazisa ngengozi enyantisayo phakathi kweloli nebhasi”

“Sisazama ukuthola ubuqiniso bokuthi abantu abebethwele ibhasi abenhlangano yezepilitiki yini”

“Sivumelene nethimba leRTI ukuthi sizosebenzisana neRoad Traffic Management Corporation neSouth African Police Service njengengxenye yophenyo” kusho uDuma kwistatimende.

Kwenzeka lesi sigameko nje iKZN isazikhotha amanxeba kulandela ukudllula emhlabeni kwabafundela ukushayela anabhanoyi engozini.

Abagilwa abathathu bandize ngebhanoyi besuka eVigirnia Airport, eThekwini.

Ngokombiko kuvela ukuthi labagibeli bahlulekile ukufika lapho belibangise khona.

Le ndiza yayigcine ukubonakala indiza phezu kweLadysmith ibheke ePietermaritzburg noma eGreytown.

Inkosi Mhlabunzima Maphumulo House idalule ukuthi baxhumana nochwepheshe nabasebenzi abavela kwi-Aeronautical Rescue Coordination Centre (ARCC) ukuzama ukuthola usizo.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button