Ezokungcebeleka

Obesika izingodo uphokophele phambili kuMaskandi 

Jerome Thabethe 

Umculi kaMaskandi uBhonasi Sukude ubalwa nabanye abaculi abakhombisa ikhono nokukhula emculweni.

Ngokudabuka uzalwa eLusikisiki esigodini eNdwalane, e-Eastern Cape.

Ukhule ezithandela ukuzidlalela mculo kaMaskandi aphinde awugidele.

Phakathi kwabaculi akhule ebalandela kubalwa uNkunzemdaka, Njemboqo nabanye abaningi.

Leli ciko libe selikhetha ukushintsha umoya labhungukela esifundazweni saKwaZulu-Natal, eThekwini, oThongathi ngo-2012.

Uthi yilapho ebone khona ukuthi kumele azame amatoho ukuze akwazi ukuziphilisa.

Nebala waba nenhlanhla wathola umsebenzi enkampanini ekhiqiza ushukela iHullets.

Eqhuba uthi usebenze khona iminyaka yaze yamithathu.

Emva kwalokho wathola enye inkampani iReady Build, wenza umsebenzi wokunquma nokutshalwa izihlahla nokulungisa izingadi (landscape).

Uthi yilapho efikelwe umcabango wokusebenzisa isiphiwo sakhe ebe etohoza eceleni.

Njengamanje uthi usengene shi endimeni yezomculo.

Ithuba walithola kwinkampani aqopha kuyo ezinze eMahlabathini kuso lesi sifundazwe.

Ngonyaka ka-2023 ukhiphe icwecwe lakhe lokuqala esihloko sithi Covid 19.

Akabange esabheka emuva walandelisa ngenye ngo-2024 esihloko sithi Kuguga Othandayo.

Kulonyaka ka-2025 ukhiphe enye esihloko sithi Emaphoyiseni.

Uthi umculo usumvulele amathuba amaningi njengoba esebizwa ezindaweni ezahlukene.

Phakathi kwezindawo aseke wanandisa kuzo kubalwa iVerulam, Stanger, Clermont kanye nezinye.

Uthi usenabalandeli abemesekayo kulo mculo wakhe.

Eqhuba uthi likhona ithemba lokuthi naye agcine ebalwa nabaculi baMaskandi abahamba phambili.

Esephetha uthi ukhuthaza bonke abafuna ukungena emculweni ukuthi kufuneka babe nokubekezela.

Uthi akubi lula kodwa uma uzimisele kugcina kulungile.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button