Izindaba

Unyelwe inyoni esandleni obengumsolwa kwelokufa kwa-Olorato Mongalo 

Abantu baseNingizimu Afrika bahlangane baba yimbumba ukuze kuqongelelwe imali yokuxhasa uFezile Ngubane (40).

UNgubane ubengumsolwa obefunwa amaphoyisa ngecala lokufa kwa-Olorato Mongalo kodwa ekugcineni ezikaMkhwanazi zimkhiphe phambili.

Okuthinte kakhulu abantu bakuleli wukuthi kwayena uNgubane ube yisisulu sobugebengu bamufi odutshulwe amaphoyisa eseflethini eToti ngoLwesihlanu.

UNgubane uthi waholelwa oPhathe umbulali ka-Olorato ukuthi akamnike umazisi wakhe ufuna ukushitsha impilo yakhe kanti uyoqhuba ngayo ubugebengu.

Abantu baseNingizimu Afrika abavela kuzo zonke izinhlaka bayahlangana ukuzokweseka uFezile Ngubane (40) oziphilisa ngokuwasha izimoto waKwaMashu.

Nokho sezesuliwe zonke izinsolo abebekwe zona uNgubane ngomhla ka-31 May.

UNgubane uphumele obala ngokuthi naye uyisisulu sokwebiwa kwemininingwane yamazisi wakhe.

Lokhu ubugebengu obenziwa ngumsolwa wangempela umufi, uPhilangenkosi Makhanya.

Kusolakala ukuthi uMakhanya wasebenzisa umazisi kaNgubane ezigamekweni zobumnyama.

UNgubane, ophinde alwe nezidakamizwa uthi ukhulisa indodana eneminyaka engu-17 efunda umatric.

Uwakalise ukuthi isifiso esikhulu ukuguqula impilo yakhe.

“Ngifuna ukuhlanzeka futhi ngiqale phansi,”

“Noma yikuphi ukwesekwa okungangisiza ukuthi ngifike lapho kuyobe kusho konke kimina,” kusho yena.

Iningi labantu kulo lonke leli, ikakhululazi ezinkundleni zokuxhumana, baqale ukucela iminikelo ukuze uNgubane akwazi ukwakha kabusha impilo yakhe.

Kumanje abantu abazwelana noNgubane bathembisa ukufaka isandla futhi bahlele imikhankaso yokuqoqa imali.

Phakathi kwalabo abeseka esidlangalaleni kubalwa uCriselda Kananda, okhulumela umndeni wakwaMongale, owazwakalisa ubumbano lwakhe noNgubane wakhuthaza nabanye ukuthi bamphakamise kulesi sikhathi esinzima.

Nakuba izinhlaka zokunikela ezisemthethweni zingakaqinisekiswa, kodwa umoya wobuntu ulokhu uheleze njalo.

KunoMsamariya onesihawu okubikwa ukuthi  unikele ngo-R5 000, kanti abanye banxuse ukuthi kusungulwe izinkundla okuyizo ukuze kuqinisekiswe ukuthi iminikelo ifika kuNgubane ngempumelelo.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button