
Aboshwe eshushumbisa isidumbu amadoda amathathu aseSomalia
Liyah Mseleku
Amaphoyisa kaMasipala iTshwane Metro Police Department (TMPD) eRegion 6, eMamelodi, abambe abesilisa abathathu nesidumbu emgaqweni uSolomon Mahlangu drive.
Abakwasidlodlo bebeziqhubela umsebenzi wawo wamihla ngemihla ngesikhathi bebona imoto emhlophe yohlobo lweToyota Corolla esolisayo.
Bayimise nse bathola ukuthi igxishe izinsizwa ezintathu ezivela eSomalia.
Ngesikhathi epequlula amaphoyisa aqaphele ukuthi kunegazi elingaqondakali nesidumbu somuntu.
Kuvele ukuthi umufi ubulawe ngokudutshulwa, bobathathu abasolwa kuleli cala zibe seziyabakhalela baboshwa kanjalo.
Kumanje icala liyaphenywa amaphoyisa.
NgoMashi leli lizwe libe yinhlekisa ngendlela elibuthaka ngakhona ekulweni nokuvalwa kwemingcele.
Kwasabalala ivideo ekhombisa abantu okuthiwa abokufika ababalelwa ku-50 baphuma begcwala besakazeka izitaladi zaseGoli.
Kusolwa ukuthi iningi lalaba bantu ngabomdabu wase-Ethiopia naseSomalia.
Kuthiwa bebevela kwamanye amazwe behlaliswe emzini thizeni oseLombardy East eGoli.
Amaphoyisa athi aphenya icala lokushushumbiswa kwabantu okuthiwa bebegcinwe ngaphandle kwemvume yabo.
Abazibonele ngawabo kule ndawo batshele abezindaba ukuthi bezwe umsindo, maqede babona abantu beqa uthango walo muzi, bebaleka, abanye babo bengagqokile.
Amaphoyisa akwazi ukubamba abanye balaba bantu abangu-18, bayiswa esiteshini samaphoyisa eSandringham.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



