Izindaba

Zimshubele oqambe amanga ngokuthunjwa nokudlwengulwa emaphoyiseni 

Igcine iphumile ngebheyili intombazane yaKwaZulu-Natal ebiboshwe ngemuva kokuvuma ukuthi iqambe amanga ngokuthunjwa nokudlwengulwa.

Le ntombazane itshele amaphoyisa ukuthi ikhulume amanga ngoba yesaba unina futhi ingafuni ukuphoxeka.

Amaphoyisa abevele eseqalile ukuthungatha abasolwa ngaphambi kokuba abone ukuthi indaba yakhe ayilona iqiniso.

Iboshwe esiteshini samaphoyisa e-Verulam kanti ibhekene namacala okuqamba amanga emaphoyiseni nokuwamoshela isikhathi.

Intombazane itshele amaphoyisa ukuthi iye ephathini e-Waterloo nabangani bayo. Uthe omunye wabangani bayo wabiza imoto ye-e-hailing ukuthi ibagodukise, kodwa umshayeli wabayisa eThekwini.

Ngokombiko weScrolla.Africa abesilisa ababekuleyo moto babe sebemyisa endaweni yobumnandi e-Claremont.

Uthi yilapho ke bamshaya khona, bamenza ukuthi adle izidakamizwa futhi bamdlwengula.

Kodwa amaphoyisa athi akwenzekanga konke lokhu uhubhu lukabhejane.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa amkholwa ekuqaleni abe esevula amacala okudlwengula nokuthumba.

“Bebevele befuna abasolwa ngesikhathi bethola ukuthi uqambe amanga. Kamuva wavuma ukuthi wakhe lendaba ngoba ubesaba unina futhi engafuni abantu bamhleke,” kusho uNetshiunda.

Ubevele enkantolo wadedelwa ngebheyili.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe bazojeziswa abantu abaqamba amanga emaphoyiseni.

“Sisebenza kanzima ukulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane,”

“Amacala omgunyathi amosha isikhathi nezinsiza. Abantu abangenacala bangaboshwa.” usho kanje.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button