Izindaba

Badinwe owokufika osolwa ngokudlwengula udado (6) espaza

UDINWE uthelwa ngamanzi umphakathi wase-Arnot, eMpumalanga, kulandela ukuboshwa komsolwa ecaleni lokudlwengula intombazanyane (6) umunywe wakhomba umsolwa odabuka e-Ethopia onqabe ibheyili.

Okucasule kakhulu abanye abantu wukuthi ucele uhulumeni ukuthi umvikele njengoba ekuleli ngokubalekela izimpi kwelakubo (asslym).

Ilunga lomphakathi uSthembile Dlamini uthi akajabulile ngokuthi umsolwa alaxaze ithuba lokufaka isicelo sebheyili.

Lithi libona sengathi kukhona ozama ukusiza lo msolwa.

“Siwumphakathi sidiniwe ukuthi ufuna ukufukanyelwa izwe lethu ekubeni ebhekene namacala abucayi kanje. Ufuna uhulumeni wethu amanze umuntu osemthethweni kuleli ngeke akubone lokho,” usho kanje.

Lo wesilisa ubhekene necala lokudlwengula udado oneminyaka engu-6 ubudala, kwengezwe necala lokuphula imithetho yokuphuma nokungena kwabantu kuleli kwazise akanamaphepha okuba seNingizimu Africa.

Ngokombiko weDaiy Sun umgilwa wayethunywe esitolo nomngani wakhe ukuyothenga okuthile nalapho wadonswa umsolwa endlini engemuva wamnukubeza ngokocansi. Umngani wakwazi ukuphulhkundlela wabaleka wahlaba umkhosi.

Umsolwa uvalelwe ngomhla ka-5 April njengoba ubevele eHendrina Magistrate Court ngoMsombuluko.

Ilunga lomphakathi lithe alijabulile ngokuthi umsolwa alaxaze ithuba lokufaka isicelo sebheyili.

Kwenzeka lesi sigameko nje KwaZulu-Natal, eThekwini, bengubanjwe umbhikisho iMarch in March kulwiswana nendaba yabantu bokufika abakuleli ngokungemvumo.

Le mashi yayiholwa umsakazi weVuma FM uJacinta MaNgobese Zuma

UJacinta waveza ukuthi leli lizwe seliphemduke imboni yokukhiqiza izidakamizwa nokuhlukunyezwa kwezingane nobunye ubugebengu obuhleliwe.

“Siyizwe elingenamthetho lapho kufika abantu benze noma yini, ukubone izinga lokudayiswa ngomzimba selinyuke kangakanani? kubuza uJacinta.

Kule mashi yayisuka epaki kuKing Dinizulu yehle njalo ngoWest Street ibheke eCity Hall ibisekwe ngamaqembu ezepolitiki-Action SA, ATM kanye nePA.

Related Articles

Back to top button