
ITheku licijele izivakashi ngePhasika
KONKE sekumi ngomumo edolobheni laseThekwini njengoba kulindeleke ukuthi kutheleke izivakashi ezingaphezulu kuka-1.3 million ngempelasonto yePhasika.
NgoLwesibili bekwethulwa ngokusemthethweni umkhankaso wezokuvakasha walo M,asipala ngaphansi kwesiqubulo esithi Endless Fun.
IMeya kaMasipala weTheku uMnuz Cyril Xaba ubongomunye wezikhulumi eziqavile kulo mkhankaso owethulwe emcimbini obusenxanxatheleni yezitolo esanda kuvulwa ngokusemthethweni iWestown Square ngaseNtshanga.
UXaba uzeve ukuthi uMasipala weTheku umagange ukubhekana nokwamkela izivakashi ezizobe zithe chithi saka kulo lonke leli.
Umnotho kulindeleke ukuthi bawushiye kuleli dolobha ulinganiselwa ku-R2.5 billion futhi uMasipala uthuthuke kwezomnotho ngoR6.1 billion.
“Silindele ukuthi kwakheke amathuba emisebenzi alinganiselwa ku-11 000 ngalesi sikhathi sonyaka,” kusho yena.
Uthe banethemba lokuthi nakanjani izivakashi ezivakashela eThekwini zizoba nempelasonto ezingasoze zayikhohlwa.
Uthe lokhu ukusho ngoba izinhlelo zokuqinisekisa ezokuphepha zikhona njengoba besebenzisana nezinhlaka ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi abukho ubugebengu obuphazamisayo noma okungenza izivakashi zingagculiseki.
Uthe uhlelo lwezokuphepha luhlanganisa amaphoyisa kamasipala, awophiko lwe-SAPS, onogada abajutshiwe ezindaweni ezahlukene abazosebenzisana namaphoyisa.
Unxuse abashayelayo uyabanxusa ukuthi abashayelayo okungenani abathathe ikhefu lehora uma beshayela amabanga amade. Ikakhululazi uma engenayo umuntu ozomushintsha.