Izindaba

Babanjwe beba ukudla kwezingane zesikole

KUTHUKE noNgqongqoshe wezeMfundo eGoli uMatome Chiloane waphinde wasigxeka isenzo sokuntshontshwa kokudla kwezingane zesikole eMinerva High School e-Alexandra.

Kulesi sigameko kuboshwe owesilisa osehola impesheni oneminyaka engu-60 kanye nomunye wesilisa oneminyaka engu-36 ubudala.

Ngokubika kweScrolla.Afrika laba bebanjwe nenqwaba yamabhokisi okudla okugcwele amathini ofishi, ubisi olusakhilimu nokunye ukudla okwehla esiphundu.

Laba solwa babanjwe ngempelasonto eduze kwesikole, kanti uChiloane ukuqinisekisile ukuthi lokudla kuvela ohlelweni iNational School Nutrition Programme (NSNP).

“Siphatheke kabi yilobu bugebengu obungenamqondo ukuphucwa kwesinkwa emlonyeni kwabafundi ezikoleni,” usho kanje.

Ube esehlaba umkhosi emphakathini ukuthi basize balekele ekubikeni izinsolo zobugebengu eziqhutshwa izigilamkhuba.

“Siyasihlaba lesi senzo siphinde sicele nabantu ukuthi bapheze ukuthenga ukudla okuntshontshiwe,” eqhuba.

Kuzokhumbuleka ukuthi kwenzeka lesi sigameko nje, kade kunukuqala ngonyawo lonwabu kohlelo lokuphakelwa kwabafundi.

USteve Mabona okhulumela lo Mnyango wathi yingoba kunabantu abasha abaqale lo msebenzi.

Abasolwa babhekene necala lokutholakala nempahla okusolakala ukuthi intshontshiwe. Balindeleke ukuthi bavele eNkantolo babingelele iMantshi maduze nje.

Related Articles

Back to top button