Ezokungcebeleka

UZandie ekukhulumeni kushona ummeli

Mleven kaZikiza

Umculi we-Afro-pop uZandie Khumalo-Gumede usephinde waba sematheni ngezinto ezibheke eceleni.

Lo mculi ongudadewabo kaKelly Khumalo, naye ohlale elandelwa abezindaba bomgosi, utinyelwe ezinkundleni zokuxhumana nge-video ayenzile ngemuva kokushona kommeli kaSenzo Meyiwa u-Advocate, Thulani Mngomezulu.

UZandile wayekhona endlini noKelly ngesikhathi kudutshulwa isoka likaKelly uMeyiwa kubo kwalezi zilamani eVosloorus eGoli eminyakeni eyishumi edlule.

Ngosuku okuvele ukuthi uMngomezulu useshonile uZandile ufake i-video ecula ingoma esihloko sithi Ngeke Zulu. Lesi senzo sicasule abaningi ezinkundleni zokuxhumana.

Abantu bathe leli culo likhombisa ukungazwelani nomndeni kaMngomezulu osemanzini. Eziphendulela uZandie uthe. “Akukho engingakwenza ukuvimba ukuthi abantu bakhuluma kanjani ezinkundleni zokuxhumana.

Angimazi nakumazi uMngomezulu. Bekungokwesithathu ngifaka le video kodwa ngaphambilini awukaze ubekhona umsindo.

Ngesikhathi ngifaka le video mina bengingazi ukuthi kunommeli oseshonile.

Kungani kuthiwe bengikhuluma ngaye ebe engenzeni kodwa?

Ngesikhathi ngiyofakaza enkantolo wayengekho, yena weza emva kwami. Mina umuntu enganinenkinga naye u-Advocate Malesela Teffo no-Advocate Zandile Mshololo.

Ezinye izinhlamvu zale ngoma zithi “Bathinta thina bazofa baphele, imikhonto yethu ingcolile sizinsizwa webafana, ubosiphathisa okwezikhali zaMantungwa.”

Uthe le ngoma ayibhale noMondli Ngcobo uzoyidedela ngoJanuwari wonyaka ozayo.

Related Articles

Back to top button