Isiminyaminya kubhekwe eKZN, eThekwini
Mleven kaZikiza
ABOMGWAQO onguthelawayeka uN3 Toll Concession bathi balindele uthamo we-traffic ukhuphuke.
Baveze nokuthi imizila ebizwa nge toll plaza bazoyivula ngesikhathi lapho izimoto zigcwala kakhulu emgaqweni.
Iziphathimandla zixwayise abashayeli ukuthi isimanyimanyima sizoba khona kakhulu bese sidala ukuhamba kancane kwezimoto.
UNkk Thania Dhoorga oyi-Chief Executive Officer ye-N3TC, Thania Dhoogra, uthe: “Silindele kuminyane utshumo emgaqweni ikakhulukazi lo ongaseningizimu uma uqonde eThekwini. Lo osenyakatho kubhekwe eGoli nawo kulindeleke ukuthi udale esawo isiminyaminya. Ophenyweni esilwenziwe maphakathi noJanuwari no Okthoba kuvela ukuthi zingu 75% izimoto ezingasindi ezivamise ukushayisana kanti ezinkulu njengama-truck zingu-81 ezivamise ukushayisa. Esikutholile ukuthi lokhu kudalwa ubudedengu ekushayeleni kanye nokungathathi izinqumo eziphusile.”
Kuzo ezemigwaqo, kudaleke isiminyaminya ku-N3 ngaseWestville ngesikhathi kudubulana abashayeli bamaloli izolo ngoLwesithathu ntambama.
Ngokusho kukaMnuz Prem Balram okhulumela i-Reaction Unit South Africa (Rusa) uthe kukholakala ukuthi ukudubulana kudalwe ukuxabana emgaqweni kwabashayeli.
Uthe kudubuleke emlenzeni umlisa oneminyaka engu-35.
UBalram uthe bathole ukuthi iloli lohlobo lweVolvo ishayisane nelinye lapho kubonakale khona abashayeli bexabana.
Oyedwa wabo uhoshe isibhamu wadubula emlenzeni amahlandla amabili umgilwa wase eshaya echitha.
Kuthiwa lo mlisa odutshuliwe uyelashwa esibhedlela kanti omsolwa uzinikeke emaphoyiseni.