Izindaba

Uboshiwe onqamule amanzi eLamontville

Sane Mseleku

UMASPALA weTheku uvule icala emaphoyiseni wabophisa indoda ebintshontsha amanzi, yalimaza ipayipi elikhulu eLamontville, eThekwini, KwaZulu-Natal.

Lo mlisa obezama ukukokotela amanzi udale ukuphazamiseka imizi eminingi yanqanyukelwa amanzi ngoLwesine.

“Isenzo salo msolwa sidale umonakalo omkhulu njengoba umphakathi wonke ungenamanzi manje. Lokhu kulimaze kakhulu impahla kaMasipala.

“Ilokishi lonke alinamanzi njengoba kusalungiswa umonakalo. Asikuvumeli ukukokotela kwamanzi futhi sizoqhubeka nokuqondisa isigwegwe kwizigilamkhuba,” kusho uMsizi Shabalala oyibamba le Head of Water and Sanitation.

UShabalala uphinde waxwayisa abantu ngokuntshontsha nokuphazamisa impahla yaMaspala.

“Lobugebengu budala ukungaqhubeki komsebenzi ngendlela. Uma kungase kuqhume leli payipi kungaba yingozi kakhulu kubantu nasezakhiweni,” kuqhuba uShabalala.

Umphakathi unxenxwe ukuba ugade amapholi apendwe ngombala ophuzi norentshi lawo awamapayipi amakhulu ahamba indlela ende ethelela izindawo eziningi, mesekuba khona apendwe ngombala okuhlaza kuphela wona athelela leyo ndawo kuphela.

Umphakathi uyanxenxwa ukuthi uma ubona umuntu entshontsha noma elimaza impahla kaMasipala, kubikwe kusanesikhathi kungaze kudaleke umonakalo omkhulu.

Ungabikela abakwaMasipala noma kubikelwe abomthetho kubanjwe izigilamkhuba.

Khonamanjalo kusanda kuboshwa umlisa eLeeupoort eduze kwase Fochville eGoli obentshontsha ugesi.

Ubephakela ugesi cishe imizi engu-600 yasemjondolo eyikhokhisa lokho okufake abakwa Eskom ezikweletini ezingaphezulu kuka R6.6 million. Uvele ngoLwesithathu mhla ka-11 enkantolo.

Related Articles

Back to top button