Abodumo lwe-Isencane Lengane abasambathi ngubo yinye
Sane Mseleku
LIGQASHUKILE ifindo likasofa silahlane kwizithandani ezincane ezidume ohlelweni lakuthelevishini i-Isencane Lengane.
USiyacela Dlamuka noThando bagcine behlukene lokhu kuvele ngesikhathi uThando egonyuluka kwiPodcast iMeaningful Conversation with Zandy Mfeka.
UThando uthi umyeni wakhe ubemshaya aze amgende kuhle kwebhola kwanele manje.
“Kwakukuhle konke ekuqaleni, engilethela ngisho nokudla esikoleni kodwa seloku angilawula. Ekuhambeni kwesikhathi iqale ukungilawula wangihlukanisa nabangani bami, ngingavumelekile ukukhuluma nabafana esikoleni.
“Ngagcina senginqatshelwa nokufunda isikole, angizange ngiqede ngisho uMatric,” kuchaza uThando.
Abalandeli nababukeli babehlezi bengabaza ngalo mshado. Babebona sengathi uSiyacela uyamhlukumeza uThando futhi uthanda ukumlawula. Nokho uThando ubehlezi eyiziba imibono yabantu.
“Ngangimncane ngiyisiphukuphuku, ngihlanyiswa uthando, ngingazi lutho ngomshado. Umama wabe engawufuni lomendo kodwa ngaphoqa ngangena. Ngangingazi ngempela, ngiyazisola ngokukhetha uSiyacela abe umyeni wami,” kusho uThando.
Ukuqala ukuhlangankwabo babonana emcimbini weSintu kwaSiyacela.
Bobabili babeneminyaka engu-15, uSiyacela wamshela. Emuva konyaka bethandana bashada sebeno-16.
“Ngangingazi ukuthi ngizojolelwa, futhi angizange ngitshelwe lonke iqiniso ngomshado, ngangingazi lutho,” kusho uThando.
“Abezenhlalakahle bazama ukukhuluma nami, ngangabalalela ngisahlangiswa uthando. Kodwa manje ngiyabona ngenza iphutha elikhulu. Kwakungamele ngivume ukushada naye, emaqinisweni ngabe ngikude nempilo ukube akabanga ingxenye yempilo yami.
“Inhlasi ayisekho emshadweni wethu, asisajabulisani ekamelweni, asisasichithi isikhathi ndawonye. Sesifana nosisi nobhuti. Usangivikela kodwa sobabili siyazi ukukho okusasisalele.
“Sesihlukene. Sekusele nje ukuthi ngiliqaqe ifindo lomshado ngokusemthethweni ngifake isehlukaniso bese ngiyamshiya unomphelo,” kunaba uThando.
AbeSunday World bazamile ukuthola uSiyacela ukuthi aphawule bangamthola.