Izindaba

Isiphihli sengozi kuN3 ubheke eThekwini

Liyah Mseleku

KULIMALE inqwaba yabantu kwafa nomshayeli kutholana phezulu maloli eyisithupha nezimoto ezinhlanu ku-N3 ngoLwesihlanu ebusuku.

Le ngozi enyantisa igazi yenzeke kuthelawayeka womgwaqo uN3 ngaphambi kokuthi ufike eMarianhill Toll Plaza. Kutalulwe abagibeli abebebhajwe kulezi zimoto.

Kudingeke ama-ambulensi engeziwe ngenxa yesibalo sabantu abaningi abalimele kwabizwa nabezicishamlilo eThekwini ukuba basize ngamathuluzi adingekayo wokutakula.

Babelwa kwabayishumi nanhlanu abantu abathole imihuzuko baphuthunyiswa ezibhedlela ezahlukene zaseThekwini ukuze bathole ukunakekelwa okwengeziwe.

Kwenzeka lesi siphihli sengozi nje abe
N3 Toll Concession badalule ukuthi balindele uthamo wezimoto ukhuphuke.

Bakusho lokhu ngasekuqaleni kwesonto.

Baveze nokuthi imizila ebizwa ngeToll Plaza bazoyivula ngesikhathi lapho izimoto zigcwala kakhulu emgaqweni.

Iziphathimandla zixwayise abashayeli ukuthi isimanyimanyima sizoba khona kakhulu bese sidala ukuhamba kancane kwezimoto.

UNkk Thania Dhoorga oyi-Chief Executive Officer ye-N3TC, Thania Dhoogra, uthe: “Silindele kuminyane utshumo emgaqweni ikakhulukazi lo ongaseningizimu uma uqonde eThekwini. Lo osenyakatho kubhekwe eGoli nawo kulindeleke ukuthi udale esawo isiminyaminya. Ophenyweni esilwenziwe maphakathi noJanuwari no Okthoba kuvela ukuthi zingu 75% izimoto ezingasindi ezivamise ukushayisana kanti ezinkulu njengama-truck zingu-81 ezivamise ukushayisa. Esikutholile ukuthi lokhu kudalwa ubudedengu ekushayeleni kanye nokungathathi izinqumo eziphusile.”

Kuzo ezemigwaqo, kudaleke isiminyaminya ku-N3 ngaseWestville ngesikhathi kudubulana abashayeli bamaloli ngoLwesithathu ntambama.

Ngokusho kukaMnuz Prem Balram okhulumela i-Reaction Unit South Africa (Rusa) uthe kukholakala ukuthi ukudubulana kudalwe ukuxabana kwabashayeli emgaqweni.

Related Articles

Back to top button