Umsindo kobonge uNobhala kuqashwa umzukulu emaphoyiseni
Sihle Mkhize
UZIDALELE amazinyo abushelelezi uMamane Xulu ovela njengogogo womzukulu osanda kuqashwa uMaspala weTheku emaphoyiseni njengoba kunegidigidi lokuqashwa ko”Cocomelon”.
Uthola ukugxekwa nje ubonge uNobhala weTheku uMpume Mabaso ezinkundleni zokuxhumana.
Nokho akwaziwa ukuthi uhlanganaphi nokuqashwa kwamaphoyisa.
Kuvela lokhu ukhuluma nje abantu bebejabulela ukuqashwa kwentsha abanye bebekhihla esikaNandi bekhala ngetiye uma kuqashwa.
“Ngiyabonga kakhulu kuNobhala uMpume Mabaso ngithi uThixo angigcinele wena, awubhekanga okuningi. Ngeke ngikukhohlwe ngiyokuthanda imihla yonke yokuphila kwami, ngomzukulu wami u-Ayanda Biyela Xulu. Kumele sizikhiphe siyodla phandle kungakapholi maseko.
Mina ngiyakwazi ukubonga umuntu Nobhala wami ngaphambi kwaKhisimusi. UNkulunkulu akubusise,” ubhale kanje.
UXulu akagcinanga lapho kodwa uqhubeke wabonga intombi emzalayo yakwaHlophe athi isihlenge isizukulwane sayo.
“Angazi ngithini Mpume, izingane zakho lezi Nobhala, uNkulunkulu akubusise,” kuqhuba yena.
USindisiwe Mdadane kuFacebook uphawule wathi: “Ay ugogo ubhedile kakhulu noma usengazama ukubhula umlilo, kodwa lento ekade ishiwo abantu usevele waveza ubufakazi ukuthi kuyenzelelwa lapha kumaMetro,” usho kanje.
Emuva kokuhlaselwa ezinkundleni zokuxhumana uXulu ebhanqwa noNobhala ngokukhetha iphela emasini ube eseshaya ungqimphothe.
“Kunento engicela ukuyicacisa la bakwethu, ngike ngabhala ngifake igama likaMpume Mabaso ngibonga ngincoma okokuqala engicela ukukucacisa angikaze ngikhokhe ngisho isenti kuyena noma angifakele ingane emsebenzini. Ingane yakwenza konke okufanele, ukugijika ukubhala izivivinyo nenhlolokhono,” kuqhuba yena.
Echaza kafushane ngeqhaza athi libanjwe uNobhala uthi usize ngokuhlangana nezingane oThongathi ukuze azosiza ngokubabayalela indawo.
“Manje angazi wenzeni yena, ngoba umuntu okumele nimhlukumeze yimi obhalile. Ngiyacela bafowethu niyiyeke lento ngoba ngeke isisize ngalutho.
Angizange ngimkhokhele uMpume ngone ngokumbonga nokuthi ngizomkhipha. Manje senisizakele, ngiyaxolisa kakhulu uma ifike ngenye indlela kinina,” kugoqa uXulu.
IMeya yeTheku uCyril Xaba ekhuluma emcimbini ngoMsombuluko unxuse amaphoyisa amasha ukuthi agcine isithunzi salo msebenzi.
“Samukela wonke amaphoyisa amasha, ukujutshwa kwawo kuqinisekisa ukuzibophezela ekuphepheni kwabantu edolobheni. Nihlezi nilimele iqiniso nemithetho yedolobha okumele ilandelwe,” kusho uXaba.