Isililo kuzibulala abafundi abangaphasanga
Sane Mseleku
SEZIQALILE izigemegeme zokuzibulala kwezingane ezingaphumelelanga ukuya kwamabanga alandelayo.
Lo mshophi ujwayele ukwenzeka minyaka yonke ikakhulukazi ngalesi sikhathi sonyaka sekutholwa imiphumela.
Sikhuluma nje abafundi ababili baseLimpopo, eVhembe East bazibulalile kuleli sonto emuva kokuthola imiphumela, yokuthi abaphumelelanga.
Ngokubika kweDaily Sun lesi sehlakalo senzeke kubafundi base Thohoyandou Technical Full Service High School naseMphaphuli High School.
UNgqongqoshe wezeMfundo eLimpopo uMavhungu Lerule uzwakalise ukudabuka kakhulu ngalesi sehlakalo.
“Ngithanda ukudlulisa amazwi enduduzo kwimindeni elahlekelwe. Besingakulindele lokhu siwuMnyango sithuke kakhulu ukuzwa lezi zindaba, lokhu kusikhombisa ukuthi kusamele sisebenze kanzima nabazali nemindeni ukuthi sisondelane nezingane zethu. Sizisize ngokomqondo umazihlangabezana nesimo esikanje,” kusho uLerule.
“Ithimba lethu labakufundele ukululeka ngokomqondo lizosiza imindeni kulesikhathi sobunzima kanye nabafundi uma sekuvulwa izikole. Abukho ubublungu obungafaniswa nobokulahlekelwa ingane. Ngifisa sengathi imindeni ethintekile ingaba namandla iduduzeke ngemicabango yezinto enazenza nabantwana benu,” kuqhuba uLerule.
“Thina beCongress of South African Students (Cosas) kwiCapricorn region, sithuke kakhulu futhi sibuhlungu ngokuzibulala kwabafundi. Sikhathazeke kakhulu ukubona ukuthi manje abezeMfundo bayahluleka abafundi.
Abafundi balahlekelwa amathemba. Sinxenxa abezeMfundo ukuthi bathathe izinyathelo ngokushesha ukusiza abafundi babaluleke ngokwengqondo baqinisekise ukuthi basesimweni esifanele. Babasize bakwazi ukumelana nezifundo nezinto ababhekene nazo mihla yonke,” kusho uConvenor weCosas u-Itumeleng Sekole.