Ezokungcebeleka

UKhisimusi omnyama kubalingisi abayitoho

KUBUKEKA bezoba noKhisimuzi omnyama abalingisi abasebenza busithe (background actors) bemidlalo iSkeem Sam, ICala, My Brother’s Keeper, Queendom, Pound 4 Pound, Queen Modtajdi, Magaeng, Adulting neSmoke and Mirrors.

Lokhu kulandela ukuputshuka kwezindaba zokuthi ama-agency abatholela amatoho, awakabaholeli.

Ngokubika kweSunday World lawo ma agency iGlam Fame Talent Management, Turning Heads, Blaq Lulu Production neShortz Impartial Justice Events. Kuvela ukuthi abalingisi bagcine ukuholelwa ekuqaleni konyaka.

NgoLwesibili labo abalingisa kuMuvhango bamashele emahhovisi e-SABC eqopha lo mdlalo wamaVenda odlala kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

Bebefuna incazelo ngokuthi ngempela le nhlangano ayizikhokhelanga izinkampani eqophela uMuvhango, Skeem Saam neminye.

Okhulumela abeShortz Impartial Justice Events uMnuz Bernard Mfanafuthi Dube ukuqinisekile ukuthi ngempela abakabakhokheli abalingisi. Uthe abalingisi abangaphansi kwakhe baqashwe kwiSkeem Sam, ICala, Muvhango and My Brother’s Keeper.

“Angikabaholeli ngoba izinkampani ezikhiqizela le midlalo azikangiholeli. Nami akukho engingakwenza kanti sengizwile ukuthi ezinye zezinkampani eziqophela le midlalo zizovala ngomhla ka 20. Sesihlele imashi ezoqonda ngqo emahhovisi abo ngaphambi kokuthi zivale,” kusho uDube.

Kuvela ukuthi kungenzeka abanye abalingisi bayithole imali yabo ngomhla ka 22.

Related Articles

Back to top button