Uzama inhlanhla eMampondweni uKhuzani ohluleke oKhozini FM
Philasande Luthuli
UMCULI kaMaskandi uKhuzani Mpungose uwubhekise e-Eastern Cape kuMhlobo Wenene FM, umkhankaso wengoma ehlukanisa.
NgoLwesibili ungene ezinkundleni zokuxhuma wabhala wathi uqophekile umlando.
“Waqopheka umlando, okokuqala ngqa siqedile ngeKwaZulu-Natal sesiyodla umzila emaMpondweni manje. Ziqhathiwe kuMhlobo Wenene. Ukuvota kuvuliwe, umlando lo kuyaqala ngqa endimeni” ubhale kanje.
UKhuzani ukwenze lokhu emva kokuhluleka ukungena esiteshini esikhulukazi uKhozi FM.
Ukuvaleleka kwakhe nabanye abaculi kuze ngemuva kokushaywa kwemithetho emisha umphathi woKhozi FM uSbongi Ngcobo nokho osesulile.
Washiya kulo msakazo eshaye umthetho wokuthi ingoma okumele ihlukanise unyaka makube ’emnandi’ nekade ijabulisa abantu unyaka wonke.
Izingoma obekukhethwa kuzo ezongena kwezishumi okuzovotwa kuyo kumele kube wukuthi iphume kusukela ngomhla ka-1 Januwari kuya ku-Okthoba 31.
Amaciko amaningi ashayekile kwazise avamise ukukhipha ngoNovemba noma uDisemba.
UKhuzani uwuhlukanisile unyaka ka-2023/4 oKhozini FM ngengoma esihloko sithi Umjolo Lowo.
Nokho idlanzana elisakhumbula, abaningi babethwele ngeqoma imbangi enkulu yakhe uMthandeni ngethi Paris.
Ukunganami kwabantu ngokuhlukanisa kwaKhuzani unyaka kwagqama edlala eMhlathuze Sports Complex eRichard’s kwiGumba Festival.
OKhozini FM wayekade ehlabene ngamavoti angu-993 667 kwalandela uMthandeni SK ngo-746 338 isithathu kwaba uThukzin ngo-90 422.