Iseyindida eyephoyisa ‘elidlwengule’ owesifazane esitokisini
Bahle Mkhize
ISEYINDABA egudwini eyephoyisa elisebenzela esiteshini saseMfuleni, eKapa, eliboshelwe ukudlwengula owesifazane.
Leli phoyisa kuthiwa lakwenza lokhu ngaphakathi esiteshini.
Isisulu sasiboshelwe icala lokushayela sidakiwe nokulimaza imoto yomunntu.
Umphathi wamaPhoyisa eWestern Cape, uThembisile Patekile, uthe kumadumazile lokhu okwenzekile futhi kubadiniwe.
“Wonke umuntu kumele azizwe ephephile ngaphathi esiteshini samaphoyisa. Kuyathusa, kuyadumaza futhi kuyadina ukuthi lowo ojutshelwe ukuvikela umphakathi nguye osolwa ngesenzo esibi kanje” kusho uPatekile.
Umsolwa umisiwe emsebenzini njengoba i-IPID okuwiphiko oluphenya amaphoyisa lusaqhubeka nokuphenya ibheshu.
“I-IPID isaphenya nathi sizoshiya ezandleni zabo. Siyasigxeka lesi senzo, iphoyisa limisiwe nezinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe zizoba khona,” usho kanje.
Omunye ocele ukungadalulwa ekhuluma nabezindaba nosondelene nomgilwa uthe uzwile ngalesi sigameko esithusayo.
“Impela ngithole ukuthi udade ubeboshelwe icala lokushayela ephuzile nokulimaza impahla kodwa iphoyisa labona intuba yokumnukubeza ngokocansi.
Iphoyisa kuthiwa licele lo wesifazane esesitokisini ukuthi akamlandele ufuna “ukuyomphenya” ngemibuzo nebala wamlandela.
Kuthiwa kulapho ke ezitike khona ngalo wesifazane, wabuya futhi ezofuna impinda.