Izindaba

Odilikajele kumshayeli wetekisi okhulelise intombazanyana (11)

Philasande Luthuli 

UGIXABEZWE ngodilikajele ababili umshayeli wetekisi egwetshwa yinkantolo yesiFunda e-East London.

Le ndoda itholwe inecala lokudlwengula intombazanyana eneminyaka engu-11 yaze yayikhulelisa endaweni ebizwa ngeDuncan.

UPhelo Mgoba (25) utholwe enamacala amabili awenza ngoMeyi nangoJuni 2022.

Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) uLuxolo Tyali uthi uMgoba wanxennxa umgilwa ebuya esikoleni ukuthi akaphuthume emjondolo wakhe.

“Umgilwa wagcina ngokulingeka efuna ukwazi ukuthi ubizelwani kanti useyongena emphandwini wamabhineai,” usho kanje.

UMgoba akagcinanga lapho kodwa ngoJune 6 wakuphinda lokho enxenxa umgilwa emjondolo nebala wakwazi ukuphinde amnukubeze ngokocansi.

Ngokubika kweDaily Dispatch emva kwesigameko sesibili umgilwa wanyamalala nokwaphoqa ukuthi umndeni nomphakathi uphume inqina lokumthungatha.

Umndeni wagcina uthola ukuthi uhlola usekhaya kwazise umsolwa wayaziwa umndeni futhi ekade efunda esikoleni esisodwa nomalume womgilwa. Udaba lwaze lwabikwa emaphoyiseni ngoJune 7 2022.

Umgilwa watholwa wayohlolwa isikhungo saseMdansane iThuthuzela Care Centre kwaqinisekiswa ukuthi unamasonto amabili ekhulelwe.

Ngenxa yokuba mncane kwakhe umndeni wanquma ukuthi asikhiphe isisu.

Umqondisi waseEastern Cape ophikweni lezokushoshiswa kwamacala uBarry Madolo usamukelile isigwebo wancoma nomsebenzi wamaPhoyisa neThuthuzela Care Centre.

Related Articles

Back to top button