Kuzobe kumanzi ‘te’ ubumnandi eLovu ngoMgqibelo
Liyah Mseleku
KUZOBE kumanzi ‘te’ e-Absolute Car Wash, eLovu, ngoMgqibelo kutholene phezulu abaculi baMaskandi noDJ emcimbini iMaskandi Festival vs DJ’s.
Lo mcimbi ugabe ngabaculi abavutha bengabaselwe okubalwa uNgeney’ntwen, iChwane lika Phuzekhemisi, Ntombi yeNtandane, Shuni waseMzini, DJ Nduku, NQ Soul, DJ Kay, Muffassa Wadi Voca, DJ Nezi, DJ Budda Mafi nabanye abaningi.
UNgeney’ntwen uthe kuyintokozo ukuthi adlale endaweni yangakubo okokuqala ngqa.
“Sengidlale ezindaweni eziningi ngidlalela nezinhlanga ezahlukene kodwa bengingakaze ngidlale eLovu. Abalandeli bami abalindele ingoma ethi Ey’ntwen, Umjolo Uphelile nezinye ezikhishwe kulo nyaka. Umthandi womculo akaphume azobona into yamehlo,” usho kanje.
Umsunguli womcimbi uNingi Ndelu uthe kuhle abantu bajabulele ngasemakhaya kulo Disemba.
“Sithe singabase South Coast asihlele into yangakithi siphakamise igama lendawo.
Siyabathembisa abantu ukuthi kuzobe kumnandi kakhulu, kuzobe kukhona iHip Hop, House & Kwaito kodwa sithe asibheke kakhulu uMaskandi ngenxa yokuthi abantu bangapha eNingizimu bayazifela futhi nezinga lawo likhuphuke kakhulu. Ngithe asiqale ngawo lo mcimbi ngethemba lokuthi uzokhula. Umhlola wukuthi abantu baseSouth Coast banekhono elimangalisayo emculweni kodwa yibo abaxhashazwa abantu,” usho kanje.
Uqhube wathi akamile, ngonyaka ozayo uhlele iRural Artist Development lapho ezohambela khona izindawo ezahlukene ezama ukuvundulula ikhono emculweni ikakhulukazi kaMaskandi neGospel.
Ube esenxenxa abantu ukuthi baphume ngobuningi babo, kungenwa ngoR50 esangweni, ukuwasha imoto imali efanayo. Labo abaphethe amacooler box bazokholha uR100.