Uthole ibheyili uMaweni obesegqunywe isonto lonke
Aphe Gcwabe
UTHOLE inkululeko yesikhashana uGogo Maweni okhishwe yinkantolo kaMantshi eProtea ngebheyili kaR5 000.
UGogo Maweni uchithe isonto lonke ezitokisini zaseJohannesburg Prison ngemuva kokuboshelwa amacala abucayi.
Phakathi kwawo kubalwa elokushaya ngenhloso yokulimaza nawokubulala.
La macala kuthiwa enzeka ngo-2019 kanti ubemelwe ummeli uMarcia Makuse ocele ukuba ingazivumeli izintatheli ngesikhathi uMaweni evele okokuqala kodwa isicelo sachithwa.
UMaweni ungesinye sezangoma ezidume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana.
Useke wavela nasezinhlelweni zikamabonakude okubalwa kuzona Izangoma Zodumo kuMzansi Magic.
Emasontweni amabili edlule iPurpose ibike ukuthi uGogo Skhotheni Maweni baqede impi yamazwi nokungcofana esidlangalaleni.
Phezu kwalokho bahlela nokwenza idili likamkhipheni bathelelane amanzi bakhe kabusha nobungani.
UMaweni wacashunwa ethi kumphatha kabi okwenzeka phakathi kwabo.
“Sizizwa kabi ngakho konke okubi okwenzeka phakathi kwethu, siyazi ngokulumela kwezinto esazikhipha ngeyethu imilomo. Sikhulumile ngakho sathelelana amanzi,” usho kanje.
Lezi zangoma bezihlela ukuhlangana kwinightclub kaSkhotheni ukuzodla gqoko lunye.
“Gogo Skhotheni ngimumema ukuthi afike notokoloshe bakhe azothenga amabhodlela abizayo echampagne,” kuncokola uMaweni.
Uke waba sematheni ngesikhathi kuvela ukuthi ungunina wezingane zabantu abadumile okubalwa umlingisi uSithembiso Khoza nomdlali webhola likanobhujuzwayo uSiyabonga Zulu.