Izinsolo ezibucayi zocansi kowoMkhonto Wesizwe
Phila Luthuli
LILENGELWA izembe kwezepolitiki ikusasa likaDkt John Hlophe ongusekela mongameli weqembu uMkhonto Wesizwe Party (MKP).
Lokhu kulandela ukuphumela obala kowayengumgqugquzeli weMK eMpumalanga Province, uMary Phadi, odalule ukuthi uHlophe wayemfuna ngaphansi kwamashidi ngomhla ka-4 Agasti ngonyaka odlule eMbombela.
UPhadi uthumele iheheba lencwadi kumongameli weMK, uJacob Zuma, ethi unobufakazi bemiyalezo kwiselula yakhe.
Uthi emva kwalokho mayenqaba wabona esethola incwadi yokumsusa esikhundleni, maqede wazifundela kwezakhe ukuthi yingoba emncishe ucansi.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba beNewzroom Afrika uPhadi uveze ukuthi uzimisele ukulifaka enkantolo lolu daba.
Uthe ubona kuzosiza abesifazane abaningi ababhekene nezinkinga zokufunwa ucansi ezindaweni abasebenza kuzona.
Eqhuba elandisa uthe abesifazane kumele bakwazi ukuphumela obala bakhulume uma behlangabezane nezimo ezifuze lezi.
UPhadi uveze ukuthi ufuna uHlophe amiswe ngokushesha esikhundleni sakhe kuleli qembu.
Kuzokhumbuleka ukuthi uDkt Hlophe wehliswa esikhundleni emuva kwezinsolo zokuthi wazama ukufaka umoya kwamanye amajaji ukuthi azwelane noJacob Zuma emacaleni ayebhekene nawo.
Kuvela lezi zindaba nje indaba egudwini ekamengameli wamajaji uSelby Mbenenge e-Eastern Cape.
UBenenge usolwa ngokufuna ucansi ku-Andiswa Mengo osebenzela ijaji enkantolo enkulu yaseMakhanda kuso lesi sifundazwe.