Izindaba

Imiyalezo kaWhatsApp enyundela uMkhwanazi emaphoyiseni

Bahle Mkhize

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal asephonsele inselelo noma ngubani onobufakazi obuqanda ikhanda obumelene noKhomishana wesifundazwe ukuthi avule icala.

Lokhu kulandela umlayezo kaWhatsApp osakhona njengamanje, onezinsolo eziningi ezibhekiswe kuLt General Nhlanhla Mkhwanazi.

Ekuqaleni kwale nyanga ubesolwa ngokugxambukela ophenyweni, nokuyinto ayiphikayo.

Umbhali walo myalezo wakamuva, eligodliwe igama lakhe, uthi uMkhwanazi unenkohlakalo futhi uzama ukuzicebisa.

Amaphoyisa athi kulindeleke ukuthi lezi zigila mkhuba ziqhubeke nokuthukuthelisa abantu abathile njengoba belandela izigebengu.

Isitatimende sifundeka kanje: “UMkhwanazi usenxuse wonke amaphoyisa KwaZulu-Natal ukuthi akhumbule umsebenzi wawo futhi alwele ukuletha ubulungiswa ezisulwini eziningi zobugebengu.

“Lezi yizikhathi eziyinselelo ezilandela isikhathi sempumelelo enkulu. Njengoba behlulekile kuzo zonke izici lapho besisola ngokuthi sijabule, manje sebebhekise impi yabo kubantu ngabanye. Ngihlala ngigxile emsebenzini wami futhi ngikhuthaza wonke amaphoyisa ukuba enze okufanayo. Ngokubambisana siphathiswe ukuthi sigcine izakhamizi zaKwaZulu-Natal ziphephile futhi sivikele nempahla yazo. Saqeqeshelwa ukungazinaki izinsongo, ukusolwa okungenasisekelo futhi awekho amanga esiwabhekile azosiphoqa ukuthi sisuse unyawo,” kusho uLieutenant General Mkhwanazi.”

Related Articles

Back to top button