IChiefs ibhubhudle iFree Agent FC
IKAIZER Chiefs iqede ishobolo lokudliwa amaqembu esezigabeni eziphansi, emqhudelwaneni weNedbank Cup.
Kulokhu Amakhosi abhubhudle iFree Agents FC, okuyiqembu labasafufusa eliphuma kwiGauteng ABC Motsepe League.
Uma kubhekwa umlando wayo namaqembu asemazingeni aphansi, abalandeli beChiefs bebenovadlwana.
IChiefs ike yagileka kulo mqhudelwani phambilini, ihlazwa yiBaroka FC, iPretoria University, neTS Galaxy phambilini.
Kodwa ngeSonto ebusuku eFNB Stadium, iChiefs yenze kahle. UPule Mmodi uvule amagoli ngomzuzu ka-18 .
Uphinde elesibili ngomzuzu ka-26. Lamagoli akhe asheshayo abeke iChiefs ethubeni elihle lokuzidlela amahlanga.
U-Inacio Miguel wenze umdlalo waphepha kwiChiefs ngomzuzu ka-62, eshaya igoli eqhelile epalini lezimbangi.
URanga Chivaviro, oqale ebhentshini, ushayele isipikili sokugcina ngegoli eliqinisekise ukuthi Amakhosi adlulela phambili ngomzuzu ka-83.
Ukunqoba ngo 4-0 kube yinto enhle kuMakhosi nabalandeli bawo. IChiefs ivame ukudonsa kanzima uma ibhekene namaqembu asemazingeni aphansi.
Lokhu kuwina kukhombise ukuthi izimisele ngokugwema amaphutha eminyaka edlule futhi bayithathele phezulu iNedbank Cup.
Ngalo mphumela, iChiefs isithathe isinyathelo esiyisondeza ekuqedeni isomiso sayo sezindebe.
Lisenethini.com




