Ezokungcebeleka

USjava ezinsolweni zokudlwengula u-Amanda Black?

Bahle Mkhize

SEBEPHINDE bambheca ngobubende inyama engayidlanga umculi wakuleli uSjava ezinsolweni zokudlwengula.

Kulokhu kuthiwa isisulu sokudlwengula u-Amanda Black naye ongumculi.

Lishone elango Msombuluko lamahlebezi esesabalele okomlilo wequbula ezinkundleni sokuxhumana.

USjava wenza kahle kakhulu emculweni kulezi zinsuku njengoba ne-EP yakhe yakamuva esihloko sithi Inkanyezi ithokozelwa abaningi.

U-Amanda Black ungene ezinkundleni zokuxhumana ezobhula lo mlilo obusha ubuhanguhangu uvele umonakalo usudalekile.

“Ngiyabingelela kinina nonke, angazi ngempela ukuthi lamahemuhemu aqhamukaphi. USjava akaze angihlukumeze ngokocansi,” ubhale kanje.

Abalandeli baSjava ngokwehlukana bazwakalise ukunengeka ngenxa yalezi zinsolo.

“Kunothile eSouth Africa onezinhloso zokuqeda ngekusasa likaSjava nesithunzi sakhe kubi lokhu,” kuphawula uSandile Manana.

“Noma ubani osabalalise lamahlebezi kumele aboshwe abekwe necala lokudicilela phansi isithunzi,” Thobeka Sikhosana.

“Siyabonga ukuphumela obala ucacise noma umonakalo usudalekile. Amajaji, abammeli noNkulunkulu balezinkundla zokuxhumana sebemgwebile ngaphandle kokuzwa uhlangothi lwakho,” kuphawula uSihle Mthethwa.

Kuzokhumbuleka ukuthi uSjava akaqali ukuba sezinsolweni ezifuze lezi.

ULady Zamar wake wavulela uSjava icala lokudlwengula.

Lentokazi eyake yajola noSjava yathi yadlwengulwa ngo-2017 ngesikhathi kunomcimbi iRoyal Heritage Festival  eLimpopo ngo-2017.

Ngonyaka ka-2019 uSjava waphendula ngesitatimende kulezi zinsolo ethi ngeke esalokhu echaza ezinkundleni zokuxhumana ngalezi zinsolo ezibhekiswe kuye.

Owayekhulumela amaphoyisa aseLimpopo uColonel Moatshe Ngoepe wakuqinisekisa ukuhoxiswa kokushushisa uSjava ngo-2020.

Related Articles

Back to top button