
Usengaphandle obeboshelwe ukubulala umyeni
UNIKWE ibheyili kaR10 000 uSibongile Dlamini (43) yinkantolo yaseSprings ngecala lokuqasha izinkabi ezabulala umyeni wakhe obeyiphoyisa lomgwawo eGoli kwi-EMPD.
IMantshi uPravina Lazarus imyalele ukuthi kumele abike njalo ePolice station yase Tsakani kabili ngesonto ngo-8 ekuseni nango-6 ntambama phakathi koMsombuluko noLwesihlanu.
UConstable Banele Skosana wadutshulwa ngomhla ka-7 epaza sakhe ngesikhathi ematasa ekhipha izimpahla emotweni.
Kulapho ababulali bakhe ababili bamdubula bambulala khona.
UDlamini nasolwa naye uNtliziyozabantu Mangwanyana babhekene namacala okuhlela ukubulala.
UMangwanyana wakhetha ukuthi angasifaki isicelo sebheyili kodwa ‘wacula’ emaphoyiseni ebheca uDlamini njengomqashi wakhe owamkhokhela kwaze kwakabili.
Mayelana nezinkulumo eziqoshiwe nemali okwashinthswana ngayo uDlamini uphika ngelokuthi kwakumayelana nefridge ayefuna ukilithenga.
Ummeli kaDlamini u-Ephraim uthi lleli Cala lintekenteke ngoba umsolwa washaywa evunyiswa icala futhi wanqatshelwa okuxhumana nommeli.
Evelile phambilini umsolwa wakhombisa inkantolo imihuzuko ebonakala ezandleni zakhe wathi ubekhwehlela ngiaho igazi ngenxa yokulimala esifubeni. Waphinde wabika ngokulimala emhlane kanye neminwe endikindiki ngenxa yozankosi.
Inkantolo ithe iqiniso lizovela uma sekuqulwa icala. Amaphoyisa asabheka omunye omsolwa kuleli cala.
Libuyela ngomhla ka-2 May kusaqhutshekwa nophenyo.