
USgwebo uvikela uMsweli kudlame lwabalandeli baMthandeni
Uhluba indlubu ekhasini umshana kaThwalofu uVela “Sgwebo Sentambo” Khoza mayelana nokufika kwaMthandeni kanye no-Ayanda Msweli bemvakashele ngokwehlukana.
Lokhu kuza emuva kokuthi kuvele isiqephu lapho uThwalofu ethi ngeke ambeke uMthandeni njengenkosi yoMaskandi ngoba akakwazi ukuzidlalela isgingci.
Kunalokho angabeka uShwi noMtekhala, akwehlanga kahle kwabaningi lokhi njengoba sebegxibhe uMsweli bemthuka.
USgwebo uphumele obala waveza ukuthi uMsweli akanacala.
Uthi labantu abathuka uMsweli, abathuke yena ngoba nguye umalume wakhe owacela uMsweli ukuthi uyafisa bakhulume ngokufika koMthandeni kuye.
UMasondo oyimenenja kaMthandeni wathi bacela ukuzovakashela uThwalofu benoMthandeni noNgizwe.
Uthi uSgwebo wabe esebatshela ukuthi uzokhuluma nomalume wakhe kodwa okumele bekwazi ukuthi akanamali ngoba akasaqashwa.
Nobaba uThwalofu akasebenzi ndawo, Kwazise phela ukufika kwabo kwakuzoba yinto enkulu endaweni.
Uthi uSgwebo wathi uMasondo akakhululeke bazokwenza iqhinga.
USgwebo uthi sabe sesimcela uThwalofu yize kwaba nzima ngoba izingane zakhe zazinqaba zithi uyaphi uMthandeni la ngoba wathi umaskandi woThwalofu awumsizanga ngalutho.
Sgwebo wabe esebikela uMasipala uMhlathuze nokuyiwo owaxhasa ngenkomo nembuzi eyadliwa umphakathi.
“Sifike kwajabula nesinedolo eMzini wenkosi yoMaskandi ubaba uThwalofu Khoza ongumalume ka Sgwebo sentambo.
Bangihlabise ngogadlakazi lwenkabi yenkomo nembuzi wadla nomphakathi wabusa kuyaphilwa kuleliya zwe lasoBuka siyababaza bo,” wabhala kanje uMthandeni ebuya kwaThwalofu.
USgwebo uthi wamtshela kahle uMasondo ukuthi abasheshe bafike khona bezomthola engakaphuzi uThwalofu njengoba ethi yena wamgada kusukela ekuseni umalume wakhe kodwa lutho ukufika oMthandeni.
Uthi kwaze kwashaya u-12 emini bengafikile. Uthi yena wabe esemyeka ke umalume wakhe wazidlela okubabayo. Uthi oMasondo baze bafika ngo 2 ntambama.
Ube esephendula lenkulumo ekhulunywe uThwalofu noMsweli nokuyiyo esuse umsindo. USgwebo uthi uThwalofu wayesedlile ngesikhathi kufika uMthandeni.
Uthi vele akazi kwakuthi yini eyakhulunywa ngaloluya suku ngoba wayesethintile. Uthi ingakho umalume wakhe ekhulume kanjeya kuleya video yakhe noMsweli ngoba khona ubengaphuzile.
UMsweli waphinda wanikela ngemali engabalwanga kuThwalofu eyayigoqwe ngesicephu socansi.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



