Uphaphame ezimobeni owesifazane waseToti ejuqwa izinkabi
Aphe Mkhize
UPHAPHAME ezimobeni zaseFafa eningizimu yekwaZulu-Natal owesifazane (34) osinde ejuqwa izinkabi ezimbili.
Echaza enkampanini yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) uthi umyeni (37) wakhe wamcela ukuthi amphelezele ukuyolanda incwadi ethile kummeli eManzimtoti okuyindawo abebehlala kuyo.
Ngezinye zezibazi ezisale emzimbeni zomgilwa ephunyuka kwizinkani 📸:RUSA
Umyeni kuthiwa ushaye imoto yohlobo lweGWM ihamba endaweni abangajwayele ukuhamba kuyo nokuthe uma ebuza ngalendlela kwaqhamuka umsolwa wokuqala wavula isicabha semoto wamdonsela phansi umgilwa. Nomyeni wakhe wamphuca amaselula wakhe amabili.
Lo msolwa ujoyinwe owesibili babe sebeqala ukumklinya ngentambo. Kwenzeka lokhu nje umyeni uyabukela futhi ubayalela ukuthi abasheshise.
Uthi uphaphame esemotweni yohlobo lweCorsa emuva kokuquleka. Uthi usola ukuthi ubezolahlwa ezimobeni zaseFafa.
Uqhube ngokuthi kwale noma esezincengela ukuthi angamqedeli kodwa umuzwe ekhuluma nocingo ngendaba yokushoda kwapetrol.
Lo wesifazane uthi usizwe ukuphuma imoto ihamba. Uthi ubalekele kwabesilisa abathathu abebeseduze komgwaqo abamsizile ukumxhumanisa nomqashi wakhe ofike ngokushesha. Umsolwa weCorsa udle phansi ezwa ukuthi sekufonelwa namaphoyisa.
Umgilwa uthole ukuthi ngalesi sikhathi bezama ukumbulala kuntshontshwe uR34 000 asola ukuthi yiwo okukhokhelwe ngawo izinkabi. Kumanje lo mgilwa uthi usongelwa ukubulawa ngabantu angabazi ocingweni bathi bazombulala uma eqhubeka necala.
Umyeni ugcwele amathafa njengoba efunelwa icala loluthumba, ukuzama ukubulala nokuphanga.