Ezemidlalo

Imbibizane kwiKaizer Chiefs ngomqeqeshi ebimgaqele

Omunye wabaqeqeshi okubikwa ukuthi ugaqelwe yiKaizer Chiefs, usesayine nelinye iqembu, okusho ukuthi ngeke esalubhada eNaturena.

UVanderlei Luxemburgo, okubikwe ukuthi ufunwa iziMpofana, usamukele isicelo seClub Deportivo Tricolor yaseChile ukuba azoyiqeqesha ngesizini ezayo.

Lokhu kusho ukuthi luyehla uhlu lwabaqeqeshi leli qembu laseNaturena elizohlunga kubo ozothatha izintammbo kuCavin Johnson ngesizini ezayo.

Njengoba sike sabika phambilini, lo mqeqeshi osemnkantshubomvu waseBrazil uhlonzwe njengomunye wababonwa bengavusa iKaizer Chiefs.

Lo mqeqeshi waseBrazil ubengenaqembu kusukela eshiye kwiCorinthians ngoSepthemba wanyakenye.

Nokho ezakamuva eziqhamuka eNingizimu yeMelika zithi uLuxemburgo utshele umngane wakhe asondelene naye ukuthi uzojoyina i-Club Deportivo Tricolor yaseChile.

ULuxemburgo ungumqeqeshi ohamba phambili ngezindebe kwiCampeonato Brasileiro SĂ©rie A njengoba enezinhlanu nje.

Khonamanjalo, iKaizer Chiefs isamataniswa namanye amagama aqavile kuwo okukhona elikaPitso Mosimane, Benni McCarthy, Manqoba Mngqithi noJose Peseiro.

Njengamanje uMosimane unenkontileka ne-Abha FC yaseSaudi Arabia kuze kuphele le sizini.

UMcCarthy kubikwa ukuthi uzoshiya kwiManchester United uma kuphela inkontileka yakhe ngoJuni.

Umqeqeshi wasePortugal, uPeseiro, yena uvele akanaqembu njengamanje kulandela ukushiya kwakhe eqenjini lesizwe laseNigeria ngoFebhuwari.

Umqondisi weChiefs, uKaizer Motaung Junior ukuqinisekisile ngesonto eledlule ukuthi bazobe benethimba elisha labaqeqeshi ngesizini ezayo.

Ukuthi lelo thimba lizobe liholwa ngubani ngenye yezinto ezibhekwe kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika njengamanje.

Impempe

 

 

Related Articles

Back to top button