
“U-AKA ngangifisa ukumbona engena ebhokisini”
“UKIERNAN ngamamukela njengendodana yami, ngake ngaya ngisho komunye umcimbi lapho ayedlala khona ne-Orchestra”
Lawa ngamanye amagama akhishwe usomabhizinisi waseThekwini, uMnuz Moses Tembe, ekhuluma okukuqala ngqa selokhu kwashona indodakazi yakhe u-Anele owayethandana nomufi uKiernan “AKA” Forbes.
UTembe ubenengxoxo ekhethekile nentatheli yeSABC uChriselda Lewis.
Le ngxoxo iqoshwe emtapweni wolwazi owaqanjwa ngo-Anele esikoleni ayefunda kuso eThekwini.
Eqhuba nengxoxo yakhe uTembe uveze ukuthi umndeni wakhe wawudinwe kabi ufuna u-AKA angene ebhokisini lofakazi noma lomsolwa ngalesi sigameko sokufa kwengane yakhe eminyakeni emithathu eyedlule.
“Engangikufuna kuye ukumbona ebhokisini enkantolo echaza ngokwenzeka ngosuku okwashona ngalo indodakazi yami. Mina nomndeni wami sihlala lapha eThekwini, isigameko senzeka eKapa. Ngaphukelwa umoya ngibuka indodakazi yami ivalwe ngopulasitiki ocwebezelayo ezindabeni ngingakwazi ukufinyelela khona ngokushesha. Udaba ngaluthola ngomfowethu owafika ezongibikela ngosuku lwangeSonto engangilungiselela ngalo ukuya enkonzweni. Ngemuva kwalokho, ngazibuza ukuthi ubenobani? Ubani owazama ukumsiza njengoba sezwa ukuthi kwaphela imizuzu engu-20 ephila, futhi wayeyedwa emgwaqweni nokwaze kwaqhamuka owesifazane wambona elimele,” kunaba uTembe.
U-Anele washona ngemuva kokubikwa ukuthi uwe esitezi seshumi ehhotela ayelele kulo no-AKA. UTembe uthe ngokwakhe, uphenyo aluhambanga ngendlela afisa ngayo kuze kube manje.
Uveze ukuthi uphiko lwezokushushisa, iNPA eWestern Cape luhambise kancane uphenyo lwaleli cala kuze kube manje.
UTembe ukhuluma kanjena nje, bayisikhombisa abesilisa ababoshiwe ababhekene necala lokubulawa kuka-AKA nomngani wakhe uTebello Tibz Motsoane