Umethuli wohlelo iSizok’thola uthole ibheyili
Sane Mseleku
UPHUME ngebheyili kaR5000 umethuli wohlelo Sizok’thola uMnuz Xolani Maphanga nomqaphi wakhe uMnuz Bongani Mkhabela umuntu ngamunye ngecala lokushaya isalukazi esisolwa ngokudayisa izidakamizwa. Kwenzeka lokhu ngesikhathi kuqoshwa uhlelo.
IPurpose yabika ngesonto eledlule ukuthi amaphoyisa athole ingcindezi enkulu kosopolitiki ukuze kuboshwe laba bobabili.
UXolani nosolwa naye bazinikela esiteshini samaphoyisa iSoshanguve, eTshwane bagqunywa esitokisini njengoba sebethola ibheyili namhlanje.
UXolani ubhekene necala lokuzama ukubulala nokungena endaweni ngokungemthetho.
IMoja Love iveze ukuthi amaphoyisa afika kubo ezobachazela ukuthi babhekene nengcindezi kosopolitiki.
“Amaphoyisa aseTshwane ahlangane nabaphathi beMoja Love bezobazisa ukuthi bazothwesa uXolani amacala okuhlukumeza kodwa bathuke sebezwa sebefikile esiteshini ukuthi babhekene necala lokuzama ukubulala nokungena endaweni ngokungemthetho,”
Kuwona umhlangano kuthiwa amaphoyisa aveza ukuthi abeshushwa osopolitiki ophezulu kulandela icala elavulwa owesifazane oshushumbisa izidakamizwa kanye nabafowabo. Kwabe sekusolwa uXolani nonogada ngokubahlukumeza, abakwasidlodlo babe sebezwakalisa ukungaphatheki kahle ngosopolitiki abagxambukela emsebenzini wabo.
Abakwa Moja Love bathi bazoqhubeka nokulwa kokushushumbisa kwezidakamizwa kuleli futhi bazokwenza ngaphandle kokusaba nokwenzelela.
“ISizok’thola enye yezinhlelo ezibalulekile kulesi siteshi ngenxa yokusiza ukuxosha izidakamizwa emphakathini futhi sizimisele ukubambisana nabomthetho ukuze udlale indima yawo. Siyawunxenxa futhi siyawucela umphakathi ukuthi usebenzisane kanye namaphoyisa ekulwiseni ukuqeda izidakamizwa emphakathini yethu, nathi futhi njengesiteshi sizosizana namaphoyisa ukulwa lempi,” kusho iMoja Love.
Kwenzeka lokhu nje umethuli walolu hlelo omdala uXolani Khumalo ungaphandle ngebheyili kaR20 000, ubhekene necala lokubulala uRobert ‘Kicks’ Varrie, ukuphanga nokulimaza impahla. UVarrie wayesesolwa ngokudayisa izidakamizwa