
Unya kutholakale izandla zabantu zinqunyiwe
Kubatshazwa unya kwabenzi bobubi kutholakala izandla, esomuntu wesifazane nesowesilisa, ezinqunywe kusukela endololwaneni.
Lezi zitho zomzimba zitholakele eduze nomgwaqo eTrenance Park, eVerulam enyakatho yeTheku.
Abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA), babika ukuthi babizwe ngumuntu osebenza umsebenzi wokudiliva iphepha.
Ngesikhathi befika bathole izandla ebezigoqwe ndawonye ziboshwe ngehembe elimhlophe.
Lezi zicubu zitholakele eduze nesikole samabanga aphansi endaweni.
Buqamana kutholakale nolwimi okusolwa ukuthi olwesilwane thizeni.
Njengamanje abomthetho, bamatasa bathungatha izidumbu lezandla ezinqanyulwe kuzo.
Khonamanjalo, abeRUSA basababaza unya lombulali ovele ngewindi wavuelela ngenhlamvu kwashona intombazane (15) nesoka layo.
Lesi sigameko sibikile ngaso kwiPurpose ezinsukwini.
Le ntombazane kukholakala ukuthi ibivalenelene nesoka layo elineminyaka engu-27 ubudala endlini engurawondi ngesikhathi behlaselwa.
Omakhelwane baphume ebusuku abanye bebhince amabhayi kuzosa kube uLwesibili bezobabaza lesi sigameko esenzeke eBuffelsdraai, eThekwini.
Abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) bathi bezwe kuhlatshwa umkhosi basebela ngokushesha.
“Sithole ucingo ngezithuba zabo 23:33 ngoMsombuluko ebusuku. Abasebenzi bethu baphuthume endaweni yesigameko”
“Nokho sifike selidume ladlula kunesidumbu sentombazanyane sidindilizile kugcwele ugazi,” kuchaza abakwaRUSA kwisitatimende.
Ubhede usale unegazi emva kokudutshulwa kwezithandani
Kuvele ukuthi abenzi bobubi baveze umbhobho wesibhamu ngewindi kanti isoka lisinde ngokulambisa ladubuleka emhlane.
Kube sekutholakala amagobolondo ezinhlamvu ezingu-5 ngaphandle kwendlu yesigameko.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



