Izindaba

Kwehle umthwalo kwabazoshaya amasmart ID nepassport

 Philasande Luthuli

Unciphise umthwalo nezindleko uMnyango weZindaba zaseKhaya kuwelonke umemezela ukusebenzisana kwawo namabhange iCapitec noFirst National Bank (FNB).

Lokhu kusebenzisana kumayelana nokushaywa kwama smart ID kanye nama passport.

Njengoba kwaziwa ukuthi abantu abaningi bamadolonzima ukuma kolayini abade leli gxathu kubukeka lingase lidlale indima enkulu.

UNgqongqoshe walo Mnyango uLeon Schreiber usanda kunemezela lolu guquko lokuqala ngqa emlandweni.

“Leli gxathu esilithathile liqeda ukuhlupheka kokuhamba akabanga amade uze uyofinyelela kwaboMnyango wezaseKhaya”

UNgqongqoshe uphinde wamenezela ukuthi nebange iStandard bank selijoyine lo mkhankaso.

“Ngijabule ngifile kunemezela ukuthi uStandard Bank usube yibhange lesithathu ukusayina ukusebenzisana nathi kulobu budlelwano bokukhipha amaSmart ID nama Passport ngosizo lweszibuchwephe besimanje,” kuncoma uSchreiber.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button