
Uzikhombe esikhwameni izinkomo uMkhwanazi
Liyah Mseleku
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi useyikhombe esikhwameni seSAPS Education Trust (#SAPSET) imali yezinkomo.
Le mali engu-R44 074 ibihlose ukubonga uMkhwanazi ngegalelo lakhe ekuvundululeni inkohlakalo edla lubi kuleli nezigebengu jikelele.
UMkhwanazi ucele bonke labo abanesifiso ukuthi baphonse esivivaneni kulesi sikhwama ukuze kusizakale izingane zamaphoyisa efela emsebenzini.
Uthi iningi lawo ashona esemancane nokwenza ukuthi angashiyi lutho olutheni emndenini.
“Ngithanda ukubonga uChris Excel wakwiX oqhamuke nomqondo wokuthi kuhlanganiswe inkece ukutusa umsebenzi wamaphoyisa ukugcina izigebengu zivalelwe,”
“Nakuba umqondo wasekuqaleni kwakuwukuthi bangithengele izinkomo kodwa ngingumsebenzi womphakathi. Abantu bangibonga ngokwanele ngomholo engiwithola njalo ngenyanga” usho kanje.
Uthi bona njengamaphoyisa uma benza umsebenzi basuke bengabhekile ukuqokekelwa izimali noma uxhaso.
Ube esededela izinombolo zasebhange okumele imali ifakwe khona kwiTrust Fund:
Name of Account Holder: SAPS EDUCATION TRUST
Bank: NEDBANK
Account Number: 1003359825
Branch: BELVILLE, THE BRIDGE Branch code: 198765 Reference: Donor’s/ Company’s name and surname.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



