Izindaba

UNgqongqoshe uMchunu uphebeza uMkhwanazi ombule izinqe

Philasande Luthuli

UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uMnuz Senzo Mchunu usephendulile ngezinsolo ezijivaza yena ngqo nehhovisi.

UMchunu ubephendula uLt. Gen Nhlanhla Mkhwanazi ngezinsolo zokuba mdibi munye nezikhohlakali.

“Njengoba sikhankasa nje kuwusuku lwesibili sesithola ukuthi uMkhwanazi wenze izitatimende kuthelevishini. Angikaziboni lezinto abezisho ngisazizwa ngokuxoxelwa.

“Kodwa ke sikhona isitatimende esikhiswe okhulumela uMnyango. Ngizothola isikhathi ukubuka bese sithatha isinyathelo esifanele,”

UMkhwanazi udedela amabhomu nje uMchunu ubese Vryheid neqembu le-ANC emkhankasweni wokhetho lokuchibiyela ngomhla ka-16 July.

“UNgqongqoshe wamaPhoyisa ngeke avumele isithunzi sakhe nesombutho wamaPhoyisa ukuthi sihudulelwe phansi noma ngabe ubani okuhlanganisa uLieutenant General Mkhwanazi”

“Sizazobheka konke okushiwo kwistatimende. Konke lokhu kudinga ukufakelwa izobuko kudingidwe endaweni efanele” kusho isitatimende.

Kuphuma lezi zitatimende nje kubhulwa umlilo uMkhwanazi umsola ngokuba mdibi munye nezigilamkhuba, ukugxambukela nokunye okuningi.

Akusikho kuphela lokhu okukhulunywe uMkhwanazi, uphinde walitheza phezulu eveza ukuthi kunetulo lokuketuka uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uFanie Masemola.

UMkhwanazi utshele abezindaba ukuthi uMchunu waphoqa u-Lt. Sibiya osehhovisi lamaPhoyisa kuzwelonke ukuthi ahlakaze uphiko oluphenya ukubulawa kosopolitiki (Political Task Team).

Uthi wakwenza lokhu ngaphandle kokwazisa uKhomishane kazwelonke, u-General Fani Masemola.

Naye imbala uMkhwanazi njengoKhomishane esifundazweni lapho lolu phiko lwasungulwa khona ngo-2018 wangaziswa.

Uthi uMchunu ufake osomabhizinisi bamathenda emsebenzini wamaphoyisa.

Uzeve nokuthi ukulungele ukufa makumele afe kodwa uzolwa kuze kube sekugcineni.

UMkhwanazi ubekhuluma nabezindaba enhloko-hhovisi yamaphoyisa eThekwini kwisithangami sabezindaba.

Ubekhininda lezi zindaba ekakwe amasekela wakhe, oKhomanda namaphoyisa ophiko lweSpecial Task Force neNational Intervention Unit (NIU).

NB: Marketing & Advertising Call/WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button