Izindaba

Udedele amabhomu uMkhwanazi ngoMchunu kwabezindaba

Ulitheze phezulu uKhomishana waPhoyisa KwaZulu-Natal uLt. Gen Nhlanhla Mkwanazi ematanisa uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uSenzo Mchunu nezenzo nobugebengu.

Umsola nalabo asondelene nabo ngokuba mdibi munye nezigebengu.

Akusikho kuphela lokhu okukhulunywe uMkhwanazi, uphinde walitheza phezulu eveza ukuthi kunetulo lokuketuka uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uFanie Masemola.

UMkhwanazi utshele abezindaba ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMchunu wayalela u-Lt. Sibiya osehhovisi lamaPhoyisa kuzwelonke ukuthi ahlakaze uphiko oluphenya ukubulawa kosopolitiki (Political Task Team).

Uthi wakwenza lokhu ngaphandle kokwazisa uKhomishane kazwelonke, u-General Fani Masemola.

Naye imbala uMkhwanazi njengoKhomishane esifundazweni lapho lolu phiko lwasungulwa khona ngo-2018 wangaziswa.

Uthi uMchunu ufake osomabhizinisi bamathenda emsebenzini wamaphoyisa.

Uzeve nokuthi ukulungele ukufa makumele afe kodwa uzolwa kuze kube sekugcineni.

UMkhwanazi ubekhuluma nabezindaba enhloko-hhovisi yamaphoyisa eThekwini kwisithangami sabezindaba.

UMkwanazi udedela lamabhomu nje ubechaza ngezinhlelo zokusebenza kwamaphoyisa kulesi fundazwe sase KZN.

Ubekhininda lezi zindaba ekakwe amasekela wakhe, oKhomanda namaphoyisa ophiko lweSpecial Task Force neNational Intervention Unit (NIU).

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button