Izindaba

Kukhonjwa iPolo kwisphihli sengozi yetekisi ebulale abantu ngaseMarianhill  

Sihle Mkhize 

Kushone abantu abahlanu okubalwa kubona namaphoyisa engozini enyantisa igazi eyenzeke kuN3 mawuqeda kudlula eMarrianhill Toll Plaza.

Umshayeli weloli ozibonele uthi umshayeli wetekisi ebiya eXobho ubezama ukuvika umshayeli wePolo obeshayela budedengu kwase kwenzeka ingozi.

Abathathu balimele kanzima abanye bathole imhuzuko bonke baphuthunyiswe esibhedlela iR.K Khan.

Le ngozi enyantisa igazi yenzeke emuva kwesivimbamgwaqo kule ndawo, kubikwa ukuthi umshayeli wePolo ube budedengu.

UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwabantu uSiboniso Duma ukhiphe isitatimende ebhodla emswaneni ngelesi siphihli sengozi.

“Ngokwethimba elizibophezele emsebenzini kwaRoad Traffic Inspectorate itekisi egibela abantu abangu-17 bebelibhekise eXobho ngesikhathi itekisi igingqika amamitha angu-50 ibheke phansi emhisheni,”

“Abashayeli bemaloli ababone lesi sigameko baveze ukuthi umshayeli obezama ukuvika iPolo ngebhadi yamphunyuka”

Abethimba leRTI team ngokusebenzisana neDurban Metro Police, Road Traffic Management Corporation neSouth African Police Service bazobambisana ophenyweni.

“Njengamanje sisazama ukubheka izihlobo zabashonile. Sizwakalisa ukudumala okukhulu sithi duduzekani mndeni yabalahlekelwe”

Abayisishagalolunye abalimele baphuthunyiswe esibhedlela iR.K Khan abathathu kubona kubonwa ngokusa.

Ngesikhathi siloba la bekusaphithizela endaweni yesigameko.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button