Izindaba

Kudutshulwe kwabulawa umsebenzi kaMasipala weTheku 

Liyah Mseleku

Kudutshulwe kwabulawa umsebenzi kaMasipala weTheku ebheke ekhaya eMhlasini ngoLwesine.

Lo msebenzi oneminyaka engu-51 ubudala ubeqashwe njenge Deputy Superintendent eMnyangweni weRoads & Stormwater.

Umufi ulalelwe unyendle ngezithuba zo-18:51 kusihlwa nalapho edutshulwe ehamba ngemoto yohlobo lweHyundai i10 ekuhlaza ekhoneni kuHazelmere Drive & Quarry Road eRedcliffe.

Inkampani yonogada iReaction Unit of South Africa nabezimo eziphuthumayo baphuthume endaweni yesigameko.

Bafike umufi edutshuliwe engasanyakazi.

Umufi nentombi yakhe eneminyaka engu-32 nomunye abasebenza naye bebesemotweni ngesikhathi behlaselwa.

Intombi kamufi idliwe inhlamvu ezinqeni kwathi lo omunye walimala kanzima emhlane.

Kuvele ukuthi abagilwa bebebuyela emakhaya ngesikhathi ehlaselwa amadoda amathathu abemi onqenqemeni lomgwaqo.

Kutholakale amagobolondo ezinhlamvu ze-9 mm ezingu-13 endaweni yesigameko.

Khonamanjalo esigamekweni esifuze lesi kudutshulwe kwabulawa uMnuz Mpho Molefe obesaqede izinyanga ezintathu kuphela kuMasipala waseEkurhuleni, eGoli.

Ulalelwe unyendle ephuma emhlanganweni kaMasipala, kuthiwa isonio sakhe kube ukuzama ukuvimba inkohlakalo kulo Masipala.

UMolefe (47) usocongwe ngabantu abangaziwa ephuma kumhlangano oshubile nezikhulu zomaspala Ekhurhuleni ngoMsombuluko.

Ngokwemithombo yangaphakathi kuthiwa wayefuna incazelo ngezimali ezidliwa bhusende nenqwaba yama invoice akhokhela izinkampani kabili ngomsebenzi owodwa.

Isidumbu sakhe sitholwe emotweni namanxeba amaningi okudutshulwa.

Sitholwe emgaqweni uR23 Kempton Park ngezithuba zakusihlwa.

Ubulawa nje uMolefefe ubenezinyanga ezintathu eqashwe njengesikhulu sokuphenya amacala athinta ukukhwabanisa kwezimali ngaphakathi kulo Maspala.

Kuvele ukuthi phambilini ubesebenza kwihhovisi lomcwaningi mabhuku eseqede iminyaka engu-14 esebenza khona.

Ushiye emuva izingane ezintathu ezincane zamantombazane.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button