
Umsakazi kaMaskandi ufukula abasakhula emculweni
Jerome Thabethe
Umsakazi ongaconsi phansi esiteshini somphakathi iNanda FM uyazigqaja ngokubamba iqhaza ekufuqeni lo mculo nakwintsha.
IPorpose ibe nengxoxo noSphiwe Sibiya, kodwa odume kakhulu ngelika Mshosho kubalaleli bakhe.
“Ngidabuka eNgwavuma eBhambanana enyakatho nesifundazwe sakwaZulu-Natal. Ngikhulele khona ngafunda khona ngaze ngaqeda isikole”.
“Ngiqale ukuba ingxenye yomsakazo Inanda FM ngonyaka ka-2017. Ngifike ngaqashwa ohlelweni lukaMaskandi njengo mdidiyeli (producer)”
“Angihlalanga kakhulu ekubeni umdidiyeli, kwathi kuwona lowonyaka ngathola ithuba lokungena emoyeni”
“Uhlelo engilushayelayo kuMaskandi “Ezifusa Usinga” lungena njalo ngoMnqibelo ngo-10 am luphele ngo-1pm”.
Lolu hlelo lubonakala luthakaselwa abantu abaningi, akagcini lapho ubuye alekelele ekwenzeni ezinye izinhlelo zalo msakazo ukuba abe yimpumelelo.
“Nginothando kakhulu ngomsebenzi wami, nabalaleli. Ezinye zezinto engizenzayo ohlelweni, ukukhulisa amaciko asafufusa nalawo esephumelele.
Uthi inhloso ukukhulisana nokufundisana kulabo abafisa ukungena endimeni yokusakaza.
UMshosho ukhuthaza intsha ukuthi ifunde, futhi kube nokunye abazicija ngakho empilweni.
Eqhuba uthi emsakazweni akudlalwa, uduma namuhla ngakusasa sekuphelile.
Esephetha uthi naye ikhona eminye imikhakha eseceleni akuyo, okubalwa imboni yamaloli namanye amabhizinisi awasungulayo.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



