Izindaba

Umqeqeshi webhola ezinsolweni zokunukubeza abafana abancane

Sane Mseleku

UGCINWE esiteshini samaphoyisa eVerulam owesilisa (57) osolwa ngokunukubeza izingane zabafana ezidlala ibhola.

Lo msolwa kuvele ukuthi usebenzela uMaspala weTheku aphinde enzise izifundo zeBhayibheli ngesikhathi sakhe.

Umphakathi wase Waterloo, kwaZulu-Natal ubuthi awumudle luhlaza, usinde ngokulambisa usuthi umquma ngisho nobuntu bakhe ngoLwesibili kusihlwana.

Abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) bakhishwe ukuyogada emgwaqeni Rahima Moosa noVezokuhle lapho bekugcwele amalunga omphakathi obalelwa ku-100, edinwe egane unwabu ngesenzo samsolwa.

Lo mqeqeshi uhlala eParkgate. Omunye wabafana ubikele abazali bakhe ukuthi lo mqeqeshi wamnika okuyisidakamizwa wase emnukubeza.

Kulapho ke abazali balo mfanyana behlabe umkhosi bebikela abanye abazali.

Nebala kuthe uma bebuzwa abafana  baqinisekisa ukuthi umqeqeshi uyabalala.

Abanye babafana abane abaneminyaka engu-10 no-13 baqinisekisile ukuthi nabo banukubezwa ngokocansi.

Babikele abazali ukuthi bebesaba ukuyibhadlaza indaba ngoba umsolwa wabasabisa ngokuthi uzobulala wonke amalunga emindeni yabo.

Ophenyweni olufushane kuphinde kwavela nokuthi umsolwa ubesebanukubeze cishe unyaka wonke labafana.

Umsolwa wake wavalelwa phambilini eboshelwa icala lokunukubeza umfana omncane eMhlasini.

Lo mqeqeshi ulimele kakhulu kwazise umphakathi “uxoxe” naye ngaphambi kokufika konogada namaphoyisa.

Related Articles

Back to top button