Ezokungcebeleka

Umlingisi ujabulele ukukhuleliswa owaseZim eyesibili

UMLINGISI wakuleli uSimphiwe Ngema ujabule uyafa njengoba elindele ukuteta ingane yesibili noTino Chinyani odabuka eZimbabwe.

Yize ubudlelwano babo buke bavivinywa kodwa ngoLwesihlanu uSimphiwe umemezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi umndeni uyakhula.

USimphiwe wabhekana nezingqinamba eteta ingane yokuqala ngo-2020 nokuyinto ayimemezela emva kwendaba.

Kulesi simo ayekuso kwacishe kwafa yena nomntwana esesiswini.

Kuzokhumbuleka ukuthi uSimphiwe ungumfelokazi njengoba umkhwenyana wakhe uDumisani Masilela owayengumlingisi wadutshulwa wabulawa ngo-2017.

Umjolo kaSimphiwe noChiyani waqala emuva “kwesizungu” nokho wawuvutha uphinde ucishe, kuthe ngonyaka odlule wavutha ubuhanguhangu.

Ngesikhathi kusemuncu uSimphiwe wathi bazohlanganiswa ingane kuphela noChiyani.

Imibhalo yale ntokazi esike yalingisa nakuMuvhango yacacisela nengane encane ukuthi amanzi lapho ama khona aphinde ame.

“Mang’thanda nginga typer enye ibreakup ithi pe … ngiyadlala eyi! Sesi right,” wabhala kanje.

“Impela ngoyixoxela amagwababa echobana le yezithandani ezilwa ngakho konke ukuthi zibe ndawonye. Sengiphinde ngafunda ukuthanda nokumamatheka futhi. Ngiyohlezi ngijabulile ngakho konke ongifundise khona. Ngiyakhuleka kuNkulunkulu ukuthi asinike amandla ukuthi sikwazi ukukhulisa indodana yethu,” washo kanje.

Related Articles

Back to top button