I-album entsha ‘kowaphucwa’ iqatha lanikwa uMbongeni Ngema
Liyah Mseleku
UZIKHOTHA amanxeba umculi kaMaskandi uNsimbi Zwane okwadliwa amandla wakhe anikwa umufi uDkt Mbongeni Ngema.
Unsimbi odabuka oPhongolo uthi ufikelwa usizi uma ecabanga ngomdlalo weshashalazi iGert Sibande ayewubhalile kodwa wanikwa uNgema ngethileyi ngoba kuthiwa yena akanawo amagalelo.
Phezu kwalokho uthi wayalelwa ukuthi uma efisa ukuba yingxenye yalo mdlalo kumele angenele inhlolokhono.
“Ngakhala ngazithulisa ngaze ngalubika lolu daba ku-Edmund Mhlongo esikhonzene naye. Wanginika ithemba ukuthi ngelinye ilanga kuyolunga washo nokuthi kudlalwa ipolitiki. Ibhodwe eliconsayo linikwa labo abanomlando kwezepolitiki. Ngenxa yokuthanda ezokungcebeleka kwaphoqa ukuthi nami ngiyocula ngidanse ngaqokwa ke ukuthi ngibe yingxenye yeGert Sibande,” kukhala uNsimbi.
Eqhuba uthi kwenzeka konke lokhu uNgema wayengazi lutho yena waqhamuka nengxenye yethimba elalikwiSarafina kwahlanganiswa nabangu-25 abaqokwayo.
Njengamanje uthi sezesuliwe izinyembezi kulandela ukuphuma kwe-album yakhe kule nyanga yamagugu esihloko sithi Sandlwane.
UNsimbi uthi kule album enezingoma eziyi-10 ziningi izingoma ezinoju futhi ucula ngezinto ezithinta abantu.
“Kunengoma ekhuluma ngesihlava sempi emndenini ngikhuza abesilisa nabesifazane kuyo, kwenye esihloko sithi Ilanga Emin.i ngicula ngomuntu engimthandayo ukuthi uyikho konke kimi,” usho kanje.
Phakathi kwamaciko asebenze nawo eStudio 12 ubale uNyamazane, Phathaphatha “Sketekete” Ngcobo, Ntokozo Zungu noSiphosethu Mnisi.
UNsimbi ucela abathandi bomculo ukuthi bamnike indlebe ngoba upheke ulozolo.
Umculo wakhe ukhona kuzo zonke izitolo zomculo kwi-internet nayi ilink ngezansi.
https://ditto.fm/sandlwane