Izindaba

Umfundi kaMatric (17) utholwe nentambo eseshonile

UKHALELWE ngamasongo kaSigonyela owesilisa (23), ngecala lokubulala intombazane efunda uMatric etholwe isibulewe ekamelweni Kanyamazane, eMpumalanga.

Isidumbu somgilwa oneminyaka engu-17 ubudala sitholwe e-Extension 16 ngoLwesihlanu, mhlaka-14 kuMashi.

Nakhona isidumbu satholwa, ngemuva kwamahora umndeni waso ugcine ukubona umufi esaphila eya esikoleni.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrigadier Donald Mdhluli uthe kubikwe ngokulahleka kwale ntombazane ngemuva kokungabuyi ekhaya.

“Kamuva ngalolo suku, ngabo-5.30 ntambama, amaphoyisa abizelwa ekhelini elifanayo mayelana nophenyo,” kusho uMdhluli.

Okushaqisayo ukuthi umsolwa nguye obikile ngesigameko wahola namaphoyisa wawayisa egumbini lapho bekulele khona isidumbu sentombazane simbozwe ngeduvethi.

Wayesagqoke umfaniswano wakhe wesikole, eboshwe ngentambo entanyeni nesinye isiqeshana sentambo silenga ophahleni.

Amaphoyisa akholelwa ukuthi le ndoda, ezenze umuntu omsulwa iyona ebulale ngesihluku. Iboshiwe yathweswa icala lokubulala.

Imbangela yokubulawa kwakhe ibingakacaci, kanti amaphoyisa athi uphenyo lusaqhubeka.

Ngokombiko weScrolla.Africa umsolwa uvele eNkantolo yesifunda Kanyamazane ngoMsombuluko, mhlaka-17 kuMashi.

UKhomishana wamaPhoyisa osabambile esifundazweni uMajor General Zeph Mkhwanazi ukugxekile ukubulawa kwabantu, wakubiza ngokudabukisayo ukulahlekelwa yimpilo yosemncane obesagcwele ithemba.

Umphakathi usashaqekile, amaphoyisa anxuse noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi aphumele obala.

Related Articles

Back to top button