Izindaba

Kufe oyedwa kwalimala ababili bedubulana namaphoyisa

Aphe Gcwabe

KUDUTSHULWE kwabulawa umsolwa oyedwa kwalimala kabi ababili abathinteka esigamekweni sokubamba imoto yemali esigcemeni sakwa-L KwaMashu.

Laba basolwa abebehamba ngemoto yohlobo lweToyota Cross eyadunwa eMlaza nokuyiyona abayisebenzisa bebamba ngayo imoto yemali futhi bavinjezelwa amaphoyisa behamba ngayo ePhungashe, eningizimu yesifundazwe.

Balahlwe ngelakubo ngesikhathi betholana ngezulu lezandla namaphoyisa eXopo ngoLwesine ngezithuba zantambama.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa athole umkhondo ngezobunhloli mayelana nabasolwa abebehlela itulo lokubamba imoto yemali.

Abasolwa bacushelwe umgoga, okuthe uma bemiswa ngamaphoyisa bakuziba lokho, kunalokho badonsa izibhamu, baqala ukudubula bebhekise kuwona. Nawo amaphoyisa aphendule ngenhlamvu.

Kulesi sigameko kushone oyedwa wabasolwa, kwathi ababili bakhalelwa ngamasongo kaS’gonyela, benamanxeba okudubuleka.

Kulesi sigameko kutholakale izibhamu ezimbili nezinhlamvu kubasolwa.

IPurpose isibike kaningana nhezigameko ezifuze lezi.

Kuqala amaholidi kaDisemba izigelekeqe ebezizama inhlanhla ziyobamba imoto ethwala imali kwaThema, eGoli zadutshulwa zafa.

Abazibonele ngamehlo bathi bekungathi kudlala ifilimu amaphoyisa nabezinkampani zonogada bedubula bebulala abasolwa abathathu bafa ujuqu.

Abakwasidlodlo bakwazile futhi ukubopha abanye abasolwa abathathu abebemdibi munye nalabo abangqoklozwe ngenhlamvu babulawa.

Ngesikhathi sebelele phansi beseshwa kutholwe izibhamu ezimbili ezinkulu nesincane esigcwele izinhlamvu.

Kuvele ukuthi akusibo labo kuphela ababoshiwe nababulewe kwabathintekayo kulobu bugebengu kodwa kunabaphunyulile badla phansi.

Labo ababoshiwe babhekene namacala okubalwa okuzama ukubulala, ukuba nesibhamu esingekho emthethweni, nokuhlela ukubamba imoto yemali.

Ngokusho konogada labasolwa badedele imbumbulu yezinhlamvu bezama ukuchaba indlela kanti bafike zigawulwe zabekwa.

Related Articles

Back to top button