Izindaba

UMabizela enkingeni yezidakamizwa ezibulala izwe

OWAYENGUMDLALI we-Orlando Pirates neBafana, uMbulelo “OJ” Mabizela, kuvela ukuthi usengene esilingweni esikhulu sokubhema iwunga.

Lo mdlali, oke wayibamba kwiTottenham Hotspur yase-England, unenkinga endala yokuhluleka ukuziphatha nokumenze waxoshwa emaqenjini amaningi.

UMbulelo Mabizela, obenekhono eliyisimanga kunobhutshuzwayo, kuthiwa uncengwa ukuthi aye esikhungweni esihlumelelisa ngokwezimilo (Rehabilitation Centre) ukuze anqandwe angasithi eweni ngaphezu kwalokho ayikona.

Le ngwazi inomsebenzi wokucija iqembu labafana abasebancane be-Under 13 kuMaZulu FC kodwa nakhona kuyavela ukuthi iyahlupha.

Njengamanje akucaci noma uMabizela usasebenza yini khona.

Ezinyangeni ezedlule kubikwe ukuthi uMabizela ubengaziwa ukuthi ukuphi kade kudlala iqembu (AmaZulu Under 13) aliqeqeshayo, ePallock.

Kugcine kuputshukile ukuthi iqembu belingazi ukuthi ukuphi, nokuthi ubesenakho ukungezi ejimini ngezinye izikhathi.

Umthombo okhulume neMpempe uthe izinto sezizimbi kakhulu kunakuqala kuMabizela.

“Lo muntu usebhema iwunga mf’wethu. Kuzanywa ukuthi aye esikhungweni esihlumelelisa ngokwezimilo ngokushesha,” kusho umthombo Impempe engeke iwuveze.

“Into kaMbulelo ibuhlungu ngoba uvele ungazi konakele kuphi. AmaZulu awamxoshile, umengameli (uSandile Zungu) uthi akalungise izinto zakhe abuye azosebenza.”

Umthombo uveze nokuthi nabanye abadlali bakudala, abafana noBenni McCarthy, abamlahlile uMabizela njengoba bezama ukumfaka ezinhlelweni ezithinta imidlalo yezinkakha zakudala.

“Okusiza izingane zikaMbulelo njengamanje ukuthi uMike Makaab, owayeyimenenja yakhe, wayebeka imali eceleni ukuze kusizakale izingane uma engasadlali. Iyonake imali uMakaab asiza ngayo abantwana balo mjita.”

UMabizela uke wawavuma amaphutha akhe eminyakeni edlule futhi wakhombisa ukuzisola nangezenzo zakhe.

“Ngathola lonke usizo engangiludinga phesheya, ngeke ngiqambe amanga.

“Nganginamaphutha ami, nami phela ngingumuntu,” kusho uMabizela kwiSAFM ngo-2018.

“Iqiniso ukuthi ngangihluleka ukuziphatha. Lokho kwangenzela phansi hhayi phesheya kuphela kodwa nalapha eNingizimu Afrika.

“Ukungaziphathi kahle kwami bekuhlale kuyinkinga – ngeke ngikubalekele lokho, yiqiniso elimsulwa.”

UMbulelo Mabizela udlale imidlalo engu-45 kwiBafana Bafana, yize kade ehlupha enjalo.

Emaqenjini aseNingizimu Afrika awadlalele kubalwa iPirates, abe ngukaputeni wayo eneminyaka engu-22, yiMamelodi Sundowns, AmaZulu FC, yiRoyal Eagles, yiPlatinum Stars, yiBidvest Wits, yiMpumalanga Black Aces neChippa United.

Uke wathi qu waseNorway lapho ebesemabhukwini eValerenga.

Impempe

 

Related Articles

Back to top button