Izindaba

Ingebhe ibhuloho lase Lovu linqamuka izinsimbi 

Phila Luthuli

LISENGCUPHENI lokubhodloka noma inini ibhuloho elixhumanisa umphakathi waseLovu Sqhingini, Nkwali, Mashiwase nezinye izindawo.

Kusolwa amaloli anesisindo esikhulu anqamula khona zonke izinsuku.

Leli bhuloho lisanda kwakhiwa kabusha lase livulwa maphakathi nonyaka ka-2019.

Lidlala indima enkulu ekuxhumaniseni abantu abakhe ezindaweni eziyisabelo kwaThoyane namaNdiya uze uyojoyina umgwaqo uSbusiso Mkhize owaziwa ngoR603. Uma uthanda usungaya eWinklespruit noma eMasayithini.

Omunye wabasebenzi benkontileka eyayiqashiwe ngo-2019 uLungelo Mnyandu ukhulume nePurpose. Uthe kunensimbi ebihlanganisa leli bhuloho uma seliyophumela endaweni yamaNdiya. Nokho isinqamukile.

“Kukhona insimbi esasixhume ngayo la, isirastile yawela phakathi. Sibona ukuthi lizobulala abantu uma selivele lihlukane phakathi kanje. Liyingozi leli bhuloho ezimpilweni zabantu lingawa noma inini. Ngisola amaloli anqamula zonke izinsuku la. Yiwo anesisindo esikhulu,” usho kanje uMnyandu ekhombisa iPurpose umonakalo osudalekile.

Induna yaseMashiwase uMnuz Ngidi uthe isidwaba sisasemanzi, wangabe esanda ngamaningi. Omunye oyisakhamuzi ucele ligodlwe igama lakhe uthe “Usola ukuthi inkontileka ayayisebenza laphaya ayenzanga ngendlela. Uthi kwakufanele kukhishwe lonke itiyela elase lilidala kufakwe elisha kodwa kwangenzeka.

“Kwakungathi kugqitshwa ama (potholes) kwapendwa kwaba ukuqeda. Kubi ngoba abantu bakwenye indawo ababesebenza laphaya. Kwakungaqashwe muntu ngapha ngakithi. Leliya bholoho alikulungele ukuthi kuhambe amaloli kulo. Ngisabela abanqamula ngezimoto kulo zonke izinsuku, kuzomele lusukumelwe lolu daba,” kusho lesi sakhamuzi.

IPurpose ifonele iKhansela lakule ndawo uMnuz Menzi Manqele ngaphansi kwaWard 109 yamuthumela nomqhafazo kodwa ubengakaze abuyele kithina.

 

Related Articles

Back to top button