Ezemidlalo

Injabulo ehambisana nosizi kwabe-Orlando Pirates 

UMDLALI wasemuva we-Orlando Pirates uThabiso Lebitso ngeke esabonakala emidlalweni esasele yaleli qembu laseSoweto.

Lokhu kulandela ukuthi elimale kabi ehlombe ngesikhathi bedlala neRoyal AM eHarry Gwala Stadium ngeSonto.

Ulimale umdlalo usenemizuzu engu-17 nje kuphela uqalile, waphuma esethwelwe ngohlaka.

Endaweni yakhe kungene uThabiso Monyane, ofike wadlala kahle njengoba begcine benqobe ngo 4-0 nje.

Ngemuva komdlalo, iPirates imemezele ukuthi uLebitso ngeke esadlala kule midlalo esele ngenxa yalokhu kulimala akutholile.

“Umdlalo phakathi kwe-Orlando Pirates neRoyal AM uphethe ngezindaba ezixubene (ezinhle nezimbi).

“Ngesikhathi i-Orlando Pirates ijabulele ukushaya iRoyal AM ngo 4-0 emdlalweni obaluleke kakhulu weDStv Premiership ngeSonto ntambama, amaBhakabhaka abhekane nobunzima ngenxa yokulimala kukaThabiso Lebitso.

“Ithimba lodokotela beBucs lidalule ku-Orlandopiratesfc.com ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-28 odlala emuva kwesokudla uphukile, okudinga ukuthi ahlinzwe.

“Isibikezelo sokuthi uLebitso uzohlala isikhathi esingakanani engadlali kuzokwaziwa ngemuva kokuhlinwa kwakhe,” kusho iPirates esitatimendeni.

ULebitso ujoyine iPirates ngoJanuwari esuka kwiChippa United.

Kumthathe isikhathi esincane ukuthi enze ezibukwayo, azifake ezinhliziyweni zabalandeli ngesikhathi eshaya igoli elihle bebhekene neKaizer Chiefs ngoMashi.

Leli goli lasiza iPirates inqobe lo mdlalo ongomkhulukazi ebholeni lakuleli ngo 3-2.

Ulimala nje ubelandwe ngoba iPirates inenkinga yokulinyalelwa abadlali bayo basemuva kwesokudla.

Kumanje uBandile Shandu akakelulami kanti uMonyane yena usanda kubuya ekulimaleni.

Impempe

Related Articles

Back to top button