Ezokungcebeleka

Amaciko aseKZN enze kakhulu kumaMetro FM Awards 

Aphe Gcwabe

AMACIKO asesifundazweni sakwaZulu-Natal akwazile ukusimela ngokuyikho ekhala emuka nezindodo eziyiskhombisa futhi ezibalulekile.

Lokhu kwenzeke kumaMetro FM Awards ngoMgqibelo ebusuku eMpumalanga, enkundleni yezemidlalo iMbombela. Lo mcimbi obuqondene nosuku lokugubha inkululeko kuleli ubuthanyelwe osaziwayo futhi ukhonjiswa nakwi televishini.

Phakathi kwamaciko abeke iKZN kwibalazwe kubalwa uLwah Ndlunkulu (Artist of The Year), Zakes Bantwini (Best Dance), Thee Legacy (Best Duo),

Ntokozo Mbambo (Best Gospel Album), Nontokozo Mkhize (Best New Artist), DJ Kotin (Best Kwaito/Gqom), Sky Wanda (Best House Song) noMthunzi epikwe uKabza De Small (Song of The Year)

“Ngibonga wonke umuntu othathe isikhathi sakhe nezimali abazisebenzele kanzima ukuthenga ama-airtime bavotele mina. Ngiyabonga kakhulu bafwethu nodadewethu ngeningenzele khona ningapheli moya. Le ndondo eyawo wonke umuntu ovotele uDJ Kotin. Angilutho ngaphandle kokwesekwa yini,” kubonga lo DJ.

Kulo nyaka iKZN ikhule ngendodo eyodwa eyinqobile uma uqhathanisa nonyaka odlule.

Nakuba kunjalo kodwa insizwa evutha bhe ingabaselwe emculweni wamaPiano uKabza de Small umoshe kakhulu kwazise uyena onqobe izindondo eziningi kunabanye

UKabza ogamalakhe langempela nguKabelo Petrus Motha (31) ungumnsinsi wokuzimilela esifundazweni saseMpumalanga nokwenze ukunqoba kwakhe kwajabulisa abaningi ikakhulukazi ngakubo. Uthathe indondo ebibhekwe ngabomvu yeSong of the Year ngengoma ethi, Imithandazo.

Le ngoma ibuye yanqoba emunxeni we-Best amaPiano neBest Collaboration. Le nsizwa yakwaMotha ibuye yathatha indondo yeBest Produced Album ngeSimo.

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

Related Articles

Back to top button