
UJacob Zuma ubhekene ngqo noCyril Ramaphosa eNkantolo
Liyah Singela
UMHOLI weMK Party uMnuz Jacob Zuma usethelekile eNkantolo eNkulu yaseGoli nithimba lakhe labameli eliholwa u-Adv Dali Mpofu.
UMsholozi usola uMengameli uCyril Ramaphosa ngokungamthatheli izinyathelo umshushisi wombuso uBilly Downer nentatheli uKaryn Maughan.
Laba basolwa ngokusabalalisa ulwazi lwezempilo kaZuma oluyimfihlo lokho akuthatha ngengoku nyathela amalungelo wakhe ngaphansi kweNational Prosecuting Authority Act (NPAA). Njengoba selibuya manje leli cala lalikade lihlehlile ngoDisemba 2023.
Izolo iNkantolo yezoKhetho ichithe isinqumo sokukhishwa kwegama likaZuma ohlwini lwabantu abaya ePhalamende nokusho ukuthi maningi amathuba okuthi abuyele njengoba igama lakhe liphezulu ohlwini lweMK.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela ekhuluma neSolezwe uthe ukuvunyelwa kwaZuma ukuba angenele ukhetho kusho ukuthi amadlozi avumile ukuthi aphinde abe uMengameli.
“Konke esikwenzayo sikwenza ngokukamoya. Manje sekusobala ukuthi lokhu esikwenzayo kufunwa amadlozi. Akekho ke ongavimba into efunwa amadlozi,” kusho uNdhlela.
Uqhubeke ngokuthi bafuna ukuthi uZuma aphinde abe umengameli.



